Ingabe Ngenza Konke Okusemandleni?
1. Yini umKristu oqotho angase akhathazeke ngayo?
1 Wake wazibuza yini lowo mbuzo? Mhlawumbe indlela ohlanganyela ngayo enkonzweni isinciphile ngenxa yokukhula, ukugula, noma imithwalo yomkhaya ethé xaxa, okukwenza udumale. Udade othile onezingane ezintathu wabhala ukuthi ngezinye izikhathi uzizwa enecala ngenxa yokuthi isikhathi namandla adingekayo ukuze anakekela umkhaya wakhe kulinganisela lokho angakwenza enkonzweni. Yini eyosisiza ukuba sibe nombono olinganiselayo ngezinto?
2. Yini uJehova ayilindele kithi?
2 Lokho UJehova Akulindele Kithi: Akungabazeki ukuthi sonke singathanda ukwenza okwengeziwe enkonzweni. Kodwa ngokuvamile kunomehluko omkhulu phakathi kwalokho esingathanda ukukwenza nalokho esingakwenza ngempela. Iqiniso lokuthi singathanda ukwenza okwengeziwe libonisa ukuthi asizitheli ngabandayo. Kufanele sikhumbule ukuthi uJehova ukwazi kahle ukulinganiselwa kwethu futhi akafuni okungaphezu kwalokho esingakufinyelela ngempela. (IHu. 103:13, 14) Yini ayilindele kithi? Ufuna ukuba simkhonze ngomphefumulo wonke, simnike okungcono kakhulu.—Kol. 3:23.
3. Singayihlaziya kanjani imizamo esiyenza enkonzweni?
3 Yini eyosisiza ukuba sinqume ukuthi yini esingayifinyelela? Singacela uJehova ukuba asisize sibe nombono ofanele ngesimo sethu. (IHu. 26:2) Umngane ongumKristu esimethembayo futhi ovuthiwe osazi kahle nongesabi ukusitshela uma kudingeka sithuthukise isimo naye angaba usizo. (IzAga 27:9) Khumbula futhi ukuthi njengoba izimo zishintsha, kuyinzuzo ukuhlala sihlaziya isimo sethu.—Efe. 5:10.
4. Kufanele sizibheke kanjani izikhumbuzo eziphathelene nenkonzo ezisekelwe eBhayibhelini?
4 Indlela Okufanele Sizibheke Ngayo Izikhumbuzo: Phakathi nomjaho, ngokuvamile izihlwele ziyamemeza zifake ugqozi kubasubathi. Injongo iwukuba babasize bafinyelele umgomo wabo, hhayi ukubadumaza. Ngokufanayo, isikhuthazo nezikhumbuzo ezisekelwe eBhayibhelini esizithola emihlanganweni yethu nasezincwadini ezithi ‘sishumayele izwi ngokuphuthuma’ zizuzisa thina futhi azisho ukuthi imizamo yethu iyasilela ngandlela-thile. (2 Thim. 4:2) Singaqiniseka ukuthi uma nje siqhubeka sizama ukwenza okusemandleni ethu, uJehova uyolukhumbula ngomusa ‘uthando nemisebenzi’ yethu.—Heb. 6:10.