Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 7/11 k. 2
  • Ingabe Izingane Zakho Zimi Ngomumo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Izingane Zakho Zimi Ngomumo?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Siza Izingane Zakho Zibhekane Nezinselele Zazo Eziningi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Ukukhulisa Abantwana Bakho Ukuba Bathande UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Izihluthulelo Zemfundo Enhle
    I-Phaphama!—1995
  • Yini Engenza Umndeni Wakho Ujabule?—INgxenye 2
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
km 7/11 k. 2

Ingabe Izingane Zakho Zimi Ngomumo?

1. Kungani kudingeka ukuba izingane ezifunda isikole zime ngomumo?

1 Unyaka ngamunye lapho izingane zakho ziya esikoleni, akungabazeki ukuthi ziyobhekana nezinselele ezintsha nezingcindezi. Ziyoba nanamathuba amasha okuba ‘zifakazele iqiniso.’ (Joh. 18:37) Ingabe zimi ngomumo?

2. Ukuze zime ngomumo, yini izingane zakho okufanele ziyazi?

2 Ingabe izingane zakho zikuqonda ngokucacile ukuthi yini eshiwo ukuhlanganyela emikhosini yobuzwe nasemaholidini obuqaba nokuthi kungani kungalungile ukuhlanganyela kulezi zinto? Ingabe zikulungele ukubhekana nokucindezela kokuba ziphishekele imfundo ephakeme, ezothando nokusebenzisa utshwala noma izidakamizwa? Ingabe ziyomane zithi izenzo ezingafanale azihambisani nenkolo yazo noma ingabe ziyazi ukuthi zingazichaza kanjani izinkolelo zazo?—1 Pet. 3:15.

3. Abazali bangabusebenzisa kanjani ubusuku bokuKhulekela Komkhaya ukuze bahlomise izingane zabo?

3 Sebenzisa Ubusuku BokuKhulekela Komkhaya: Kuyavunywa ukuthi cishe niyoba nazo izingxoxo phakathi nawo wonke unyaka lapho kuphakama isidingo. Ukwenza kwakho umzamo okhethekile wokuxoxa ngezindaba eziphathelene nesikole ngaphambi kokuba kubuyelwe esikoleni, kuyokwenza izingane zakho zizethembe. Kungani ungasebenzisi ubusuku obubodwa noma ngaphezulu bokuKhulekela Komkhaya ukuze nenze lokhu? Ungase ubuze izingane zakho ukuthi yini ezenza zibe nexhala kakhulu esikoleni. Izindaba enike naxoxa ngazo eminyakeni edlule ningazibukeza njengoba manje izingane sezithe ukukhula futhi nokuqonda kwazo sekuthuthukile. (IHu. 119:95) Ningase nihlanganise nezikhathi zokuprakthiza lapho ungadlala khona indima kathisha, umeluleki noma omunye umfundi. Fundisa izingane zakho ukuthi zingaphendula kanjani ngeBhayibheli nokuthi zingawasebenzisa kanjani amathuluzi anjengencwadi Ukubonisana nethi Intsha Iyabuza. Omunye umzali wayeprakthizisa izingane zakhe indlela ezingaya ngayo kothisha bazo abasha ekuqaleni konyaka ngamunye ukuze zibachazele ukuthi zingoFakazi BakaJehova.—Bheka INqabayokulinda, ka-December 15, 2010, amakhasi 3-5.

4. Yini abazali abahlakaniphile abazoyenza?

4 Izinselele intsha engamaKristu okumelwe ibhekane nazo kulezi zinsuku zokugcina kuya kuba ‘nzima ukubhekana nazo.’ (2 Thim. 3:1) Abazali abahlakaniphile bayozama ukucabanga ngazo kusengaphambili. (IzAga 22:3) Yenza konke ongakwenza ukusiza izingane zakho ukuba zime ngomumo ngaphambi kokuba lezi zinselele ziphakame.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela