Omagazini Bethu—Baklanyelwe Ukukhanga Abantu Abahlukahlukene
1. Isigaba senceku ethembekile neqondayo simlingisa kanjani umphostoli uPawulu?
1 Njengoba nje umphostoli uPawulu ashintshashintsha indlela ethula ngayo izindaba ezinhle ukuze azuze ‘abantu bazo zonke izinhlobo,’ isigaba senceku ethembekile neqondayo sisebenzisa omagazini bethu ukuze sifinyelele abantu abanezizinda nezinkolelo ezingefani. (1 Kor. 9:22, 23) Ukuze sibasebenzise kahle omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama!, siyobe senza kahle ngokuhlale sikhumbula ukuthi babhalelwe obani.
2. I-Phaphama! iklanyelwe ukuba ikhange obani?
2 I-Phaphama!: Lo magazini uhloselwe ukufinyelela uhlobo lwabantu olufanayo nalolo umphostoli uPawulu abhekisela kulo ngokuthi “madoda ase-Athene.” (IzE. 17:22) Lawo madoda ayengaveli emikhayeni yamaKristu futhi kwakukuncane kakhulu ayekwazi ngemiBhalo. Ngokufanayo, i-Phaphama! ilungiselelwe abantu abanolwazi oluncane ngeBhayibheli noma abangenalo nhlobo. Bangase bangazi lutho ngezimfundiso zobuKristu, bangase bangayethembi inkolo ngandlela-thile noma bangase bangaqapheli ukuthi iBhayibheli liwusizo. Injongo eyinhloko ye-Phaphama! ukwenza abafundi bayo bakholelwe ukuthi ukhona uNkulunkulu weqiniso. Enye injongo yalo magazini ukwakha ukholo eBhayibhelini nokusiza umfundi aqonde ukuthi oFakazi BakaJehova behlukile kwamanye amaqembu enkolo.
3. Ibhalelwe bani INqabayokulinda ngayinye?
3 INqabayokulinda: INqabayokulinda yomphakathi ibhalelwe abantu abamhloniphayo uNkulunkulu nemiBhalo ngezinga elithile. Banalo ulwazi oluthile ngeBhayibheli kodwa abaziqondi ngokunembile izimfundiso zalo. Bayefana nezilaleli uPawulu abhekisela kuzo ngokuthi ‘abesaba uNkulunkulu.’ (IzE. 13:14-16) INqabayokulinda efundwayo ibhalelwe ngokuyinhloko oFakazi BakaJehova. UPawulu wayethatha ngokuthi labo ababefunda izincwadi zakhe babejwayelene nemiBhalo futhi babenalo ulwazi olunembile lweqiniso. (1 Kor. 1:1, 2) Ngokufanayo, izihloko ezikumagazini ofundwayo zibhalelwe labo abezayo emihlanganweni futhi abajwayelene nolimi nezimfundiso zoFakazi.
4. Kungani kufanele sijwayelane nomagazini ngamunye esiwusebenzisa enkonzweni?
4 Nakuba ngokuvamile sibahambisa ngababili omagazini, sivame ukukhulumela owodwa kuphela. Ngakho-ke, zibekele umgomo wokujwayelana nomagazini ngamunye. Khona-ke, uyokulungela kangcono ukukhulumela lowo oyokhanga kakhudlwana kulabo ohlangana nabo.