Imfanelo Ebaluleke Kakhulu Yomfundisi Omuhle
1. Iyiphi imfanelo yomfundisi omuhle ebaluleke kakhulu?
1 Yini eyenza umuntu abe umfundisi omuhle weBhayibheli? Ingabe imfundo yezwe? Okuhlangenwe nakho? Ikhono lemvelo analo? Empeleni, imfanelo efanayo naleyo ewukugcwalisa uMthetho, ewuphawu lwabalandeli bakaJesu kanye nevelele futhi ekhanga kunazo zonke izimfanelo zikaJehova. (Joh. 13:35; Gal. 5:14; 1 Joh. 4:8) Uthando. Abafundisi abahle babonisa uthando.
2. Kungani kubalulekile ngathi ukubathanda abantu?
2 Thanda Abantu: UMfundisi Omkhulu, uJesu, wabonisa uthando kubantu futhi lokhu kwabashukumisela ukuba bamlalele. (Luka 5:12, 13; Joh. 13:1; 15:13) Uma sibakhathalela abantu, siyosebenzisa wonke amathuba okufakaza. Izithiyo ezinjengokushushiswa nokunganakwa ngeke zisidikibalise. Siyobonisa isithakazelo esiqotho kulabo esishumayela kubo futhi sivumelanise intshumayelo yethu nezinto ezibakhathazayo. Siyozimisela ukusebenzisa isikhathi sethu hhayi nje kuphela uma sinomfundi ngamunye weBhayibheli kodwa nalapho silungiselela isifundo ngasinye.
3. Uthando ngamaqiniso eBhayibheli lungasisiza kanjani enkonzweni?
3 Thanda Amaqiniso EBhayibheli: UJesu wayewathanda amaqiniso eBhayibheli futhi ewabheka njengayigugu. (Math. 13:52) Uma silithanda iqiniso, siyokhuluma ngomdlandla futhi lokhu kungazijabulisa izilaleli zethu. Uthando olunjalo luyosisiza sigxile ekwazisweni okuyinzuzo esikudluliselayo kunokugxila ekulinganiselweni kwethu futhi lokho kungasenza singethuki lapho sisenkonzweni.
4. Singaluhlakulela kanjani uthando?
4 Hlakulela Uthando: Singaluhlakulela kanjani uthando ngabantu? Ngokucabanga ngothando uJehova neNdodana yakhe abalubonisile kanye nesimo esidabukisayo esingokomoya sabantu abasensimini yethu. (Marku 6:34; 1 Joh. 4:10, 11) Uthando lwethu ngamaqiniso eBhayibheli luyojula uma siba nesifundo somuntu siqu sasikhathi sonke futhi sizindla. Uthando luyingxenye yesithelo somoya. (Gal. 5:22) Ngakho singacela uJehova ukuba asinike umoya ongcwele futhi simcele asisize sikhule othandweni. (Luka 11:13; 1 Joh. 5:14) Kungakhathaliseki izinga lemfundo yethu yezwe, isikhathi siseqinisweni noma amakhono emvelo, ngamunye angaba umfundisi weBhayibheli ophumelelayo ngokubonisa uthando.