Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/11 k. 4
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
  • Lithini IBhayibheli Ngezinhlekelele Zemvelo?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
  • Izinhlekelele Zemvelo—Kungani Ziningi Kangaka?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
km 11/11 k. 4

Izintshumayelo Ezisikiselwe

Zokuqala Izifundo ZeBhayibheli NgoMgqibelo Wokuqala Ku-December

“Ngicabanga ukuthi uzovuma ukuthi wonke umuntu uyamdinga umngane. Iyiphi imfanelo oyazisa kakhulu kumngane? [Lindela impendulo.] Phawula ukuthi kuthiwani lapha ngesidingo sokukhetha abangane ngokucophelela.” Nikeza umninikhaya ikhophi ye-Nqabayokulinda ka-December 1 bese nifunda futhi nixoxe ngendaba engaphansi kwesihlokwana sokuqala ekhasini 16. Funda okungenani umBhalo owodwa. Mnike umagazini bese uhlela ukubuya nizoxoxa ngempendulo yombuzo olandelayo.

INqabayokulinda December 1

“Ingabe wake wazibuza ukuthi kungani kunezinhlekelele zemvelo eziningi kangaka muva nje? [Lindela impendulo.] Kuyathakazelisa ukuthi iBhayibheli labikezela isikhathi esasiyoba nezinhlekelele. [Funda uMathewu 24:7, 8.] Lo magazini uphendula le mibuzo: Kungani kunezinhlekelele eziningi kangaka namuhla? Ingabe ziyisijeziso esivela kuNkulunkulu? Iziphi izizathu ezikhona zokukholelwa ukuthi uNkulunkulu uzoziqeda maduzane izinhlekelele zemvelo?”

Phaphama! December

Funda eyesi-2 Thimothewu 3:16, bese uthi: “Abanye bayavuma ukuthi iBhayibheli laphefumulelwa uNkulunkulu kanti abanye bayaphika. Wena ucabangani? [Lindela impendulo.] Nakuba kunemibono ehlukene ngalo mbuzo, abaningi bayavuma ukuthi ayikho enye incwadi eye yabhekana nemizamo eminingi kangaka yokuyiqothula. Lo magazini uchaza eminye yemizamo yokuqothula iBhayibheli nokuvimba ukuba lingafundwa amakhulu eminyaka. Uyachaza nokuthi kungani liye lasinda.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela