Asilokothi Siphumule Emsebenzini
1. Sazi kanjani ukuthi abashumayeli bekhulu lokuqala abakaze bakucabange nokukucabanga ukuphumula emsebenzini?
1 Abashumayeli abashisekayo bekhulu lokuqala bamemezela izindaba ezinhle “ngaphandle kokuyekethisa” nomaphi lapho kunabantu khona. (IzE. 5:42) Ngakho asinakucabanga nakucabanga ukuthi lapho beya enkonzweni yendlu ngendlu babengabadlula abantu abahlangana nabo endleleni bangashumayeli kubo. Babengeke futhi bawayeke amathuba okufakaza ngokwethukela lapho bethenga emakethe ngemva komsebenzi wenkonzo. NjengoJesu, abakaze bazicabange bephumule emsebenzini.—Marku 6:31-34.
2. Yini ehilelekile ekuphileni ngokuvumelana negama lethu?
2 Sihlale Sikulungele: Igama lethu elithi oFakazi BakaJehova, alichazi nje lokho esikwenzayo kuphela; lichaza nalokho esiyikho. (Isaya 43:10-12) Ngakho sihlale sikulungele ukuvikela ithemba esinalo ngisho nalapho singekho enkonzweni yendlu ngendlu. (1 Pet. 3:15) Ingabe uhlale uzilungele izimo ezingakuvumela ukuba ufakaze ngokwethukela futhi ucabange ngalokho ongase ukusho? Ingabe uhlale unazo izincwadi ongazinikeza labo ababonisa isithakazelo? (IzAga 21:5) Ingabe ushumayela endlini ngendlu kuphela noma uyazisakaza izindaba ezinhle kubantu nakwezinye izindawo uma izimo zivuma?
3. Kungani elithi “indlela ehlukile” lingeyona inkulumo engcono yokuchaza ukushumayela emgwaqweni, ezindaweni zokupaka, emapaki, ezindaweni zamabhizinisi nakwezinye izindawo?
3 Akuyona Nje “Indlela Ehlukile” Yokufakaza: Esikhathini esidlule ngezinye izikhathi besisebenzisa inkulumo ethi “indlela ehlukile” lapho sibhekisela ekushumayeleni emgwaqweni, ezindaweni zokupaka, emapaki, ezindaweni zamabhizinisi nakwezinye izindawo. Kodwa elithi “indlela ehlukile” lingase lizwakale sengathi lisho ukuthi imizamo enjalo iyinto engajwayelekile, engaziwa noma umuntu angayenza uma ethanda. Umphostoli uPawulu wathi washumayela “obala” nasendlini ngendlu. (IzE. 20:20) Ngakho-ke, ukushumayela “obala” kungaba yigama elifaneleka kakhudlwana kunelithi “indlela ehlukile” yokufakaza. Yiqiniso ukuthi ukushumayela endlini ngendlu kusalokhu kuyindlela yethu eyinhloko nephumelela kakhulu yokufinyelela abantu ngesigijimi soMbuso. Nokho, abashumayeli bekhulu lokuqala babegxila kubantu hhayi ezindlini. Babesebenzisa wonke amathuba okukhuluma ngeqiniso—obala, ngokwethukela nasendlini ngendlu. Sengathi nathi singaba nesimo sengqondo esifanayo ukuze siyifeze ngokugcwele inkonzo yethu.—2 Thim. 4:5.