Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/12 k. 4
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izintshumayelo Eziyisibonelo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
km 4/12 k. 4

Izintshumayelo Ezisikiselwe

Zokuqala Izifundo ZeBhayibheli NgoMgqibelo Wokuqala Ku-May

“Ucabanga ukuthi inkolo iyimbangela yothando nokuthula noma iyimbangela yenzondo nobudlova? [Lindela impendulo.] Ake ngikubonise okuthile okuthakazelisayo ngale ndaba.” Nika umninikhaya INqabayokulinda ka-May 1, bese nixoxa ngendaba esesihlokwaneni sokuqala ekhasini 16 kanye nomBhalo owodwa. Hambisa umagazini bese uhlela ukubuya nizoxoxa ngombuzo olandelayo.

INqabayokulinda May 1

“Abaningi bakholelwa ukuthi kuhle ukuba inkolo ihileleke kwezombangazwe kanti abanye banomuzwa wokuthi inkolo nezombangazwe akufanele kuhlangane. Wena ucabangani? [Lindela impendulo.] Phawula ukuthi uJesu wasabela kanjani lapho abantu befuna ahileleke kwezombangazwe zosuku lwakhe. [Funda uJohane 6:15.] Lo magazini uyachaza ukuthi kungani uJesu asabela ngendlela asabela ngayo futhi uchaze nendlela engcono amaKristu angasiza ngayo umphakathi aphila nawo.”

Phaphama! May

“Cishe wonke umuntu esikhuluma naye wake waphathwa ngendlela engenabulungisa ngesinye isikhathi. Ucabanga ukuthi sikhona isisombululo sokungabi nabulungisa? [Lindela impendulo.] Qaphela lesi siprofetho esimayelana nombusi ozoqeda ukungabi nabulungisa. [Funda IHubo 72:11-14.] Lo magazini ukhuluma ngezithembiso zeBhayibheli mayelana nekusasa elinobulungisa ngokwengeziwe.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela