Izintshumayelo Ezisikiselwe
Zokuqala Izifundo ZeBhayibheli NgoMgqibelo Wokuqala Ku-July
“Kule minyaka yamuva, abantu baye baba nesithakazelo esengeziwe ezingelosini. Ingabe ucabanga ukuthi zikhona ngempela izingelosi? [Lindela impendulo.] Phawula okushiwo lapha.” Nika umninikhaya INqabayokulinda ka-July 1, bese nihlola ndawonye indaba engaphansi kwesihlokwana sokuqala ekhasini 16 nifunde umBhalo owodwa okungenani.
INqabayokulinda July 1
Funda IHubo 65:2. Yibe usuthi: “Abantu abaningi bayavuma ukuthi uNkulunkulu ‘unguMuzwi womthandazo,’ ngenxa yalokho bathandaza nsuku zonke. Kodwa abanye bayazibuza, ‘Uma uNkulunkulu ekhona, kungani umhlaba unezinkinga eziningi kangaka?’ Ucabangani wena? Ingabe ukhona uNkulunkulu ozwa imithandazo yethu? [Lindela impendulo.] Lo magazini ukhuluma ngempendulo yeBhayibheli ngalo mbuzo: ‘Kungani uMuzwi womkhuleko evumela ukuhlupheka?’”
Phaphama! July
“Ukube bewukwazi ukushintsha okuthile kuleli zwe lethu, yini obungayishintsha? [Lindela impendulo.] IBhayibheli liyabonisa ukuthi kungani abantu benamandla alinganiselwe kulokho abangakufeza. [Funda uJeremiya 10:23.] Lo magazini uchaza lokho uNkulunkulu ahlose ukukushintsha.”