Siyini ‘Isizathu Sakho Sokwethaba’?
1. Isiphi isizathu sokwethaba esinaso ekupheleni kwenyanga ngayinye?
1 Lapho inyanga ngayinye iphela futhi bonke becelwa ukuba balethe imibiko yabo yenkonzo yasensimini, siyini ‘isizathu sakho sokwethaba’? (Gal. 6:4) Kungakhathaliseki ukuthi singamaphayona akhethekile abika amahora angu-130 enkonzweni noma singabamemezeli abagunyazwe ukubika imizuzu engu-15, sonke kufanele sijabule ngenkonzo yethu yomphefumulo wonke esiyinikela kuJehova.—IHu. 100:2.
2. Kungani kufanele sizikhandle enkonzweni kaJehova?
2 Njengoba eyiNkosi enguMbusi wendawo yonke, uJehova uyafanelekela ukuba simnike okungcono kakhulu kwesinakho. (Mal. 1:6) Ngenxa yokuthi siyamthanda, sanikezela ukuphila kwethu ukuze senze intando yakhe. Ngakho, ekupheleni kosuku noma ekupheleni kwenyanga, uma siqiniseka ukuthi siye sanikela enkonzweni kaJehova “ngolibo” lwesikhathi sethu, iziphiwo namandla, siyoba nesizathu sokwethaba. (IzAga 3:9) Nokho, uma unembeza wethu usibeka icala, kufanele sicabangele esingakwenza ukuze sithuthukise.—Roma 2:15.
3. Kungani kungekhona ukuhlakanipha ukuziqhathanisa nabanye?
3 “Hhayi Ngokuziqhathanisa Nomunye Umuntu”: Akukhona ukuhlakanipha ukuziqhathanisa nabanye noma ukuziqhathanisa nathi ngokwethu lapho sisenamandla. Izimo ziyashintsha. Amakhono awefani. Ukuziqhathanisa kuvame ukuholela ekuncintisaneni noma ekuzizweni singelutho. (Gal. 5:26; 6:4) UJesu akazange aqhathanise. Kunalokho, wancoma ngokwalokho umuntu akwazi ukukwenza.—Marku 14:6-9.
4. Iziphi izifundo eziwusizo esingazifunda emfanekisweni kaJesu wamathalenta?
4 Emfanekisweni kaJesu wamathalenta, isisebenzi ngasinye sathola amathalenta ‘ngokwamandla aso.’ (Math. 25:15) Lapho inkosi ibuya futhi icela umbiko ngomsebenzi wazo, lezo ezazisebenze ngokuzikhandla ngokwamandla nangezimo zazo zathola ukunconywa futhi zangena enjabulweni yenkosi yazo. (Math. 25:21, 23) Njengoba nathi ngokufanayo sihlale simatasa emsebenzini wokushumayela ngoMbuso, singaqiniseka ukuthi uNkulunkulu uyasamukela futhi sibe nesizathu sokwethaba!