Ingosi Yethu Esemthethweni—Yisebenzise Ukuze Usize Umuntu Okhuluma Olunye Ulimi
Mbonise Ingosi Yethu: Mbonise ukuthi angayisebenzisa kanjani ingxenye enohlu lwezilimi ethi “Ulimi Lwengosi” ukuze abone ingosi ngolimi lwakhe. (Kwezinye izilimi, akukakatholakali yonke into.)
Mbonise Ikhasi Lengosi Ngolimi Lwakhe: Vula ikhasi kwenye yezincwadi zethu, njengethi Okufundiswa IBhayibheli noma ipheshana elithi Ukwazi Iqiniso. Khetha ulimi lomninikhaya ohlwini olusengxenyeni ethi “Funda.”
Mlalelise Isihloko: Funa isihloko esiqoshiwe ngolimi lwakhe bese umdlalela sona. Uma ufunda olunye ulimi, thuthukisa ikhono lakho ngokulalela okuqoshiwe ube uhambisana nakho ngokufunda phansi.—Landela lo mzila “Izincwadi/Izincwadi Nezincwajana” noma “Izincwadi/Omagazini.”
Fakaza Kwabayizithulu: Uma uthola umuntu oyisithulu, mdlalele i-video yolimi lwezandla yesahluko seBhayibheli, incwadi, incwajana noma ipheshana.—Landela lo mzila “Izincwadi/Ulimi Lwezandla.”
[Umdwebo ekhasini 6]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Ake Ukuzame
1 Chofoza ▸ ukuze udlale okuqoshiwe kwalokho okukhethile (uma kutholakala ngolimi lwakho) noma uchofoze enye yezi-nkinobho ‘zokukuthatha’ ukuze ukopishe leyo ncwadi.
2 Khetha olunye ulimi ohlwini oluthi “Funda” ukuze ikhasi livele ngalolo limi.
3 Chofoza ingxenye ethi “Phambili” noma isihloko esingaphansi kwengxenye ethi “Uhlu Lokuphakathi” ukuze uye kwesinye isihloko noma isahluko.