“Nikeza Ubufakazi Obuphelele”
1. Isiphi isibonelo esihle umphostoli uPawulu asibeka enkonzweni?
1 “Yenzisise inkonzo yakho.” (2 Thim. 4:5, Byington) Ngokuqinisekile umphostoli uPawulu wayenenkululeko yokukhuluma lapho enikeza uThimothewu lesi seluleko. Eqinisweni, phakathi nonyaka ka-47 no-56 C.E., uPawulu waphothula uhambo lwezithunywa zevangeli izikhathi ezintathu. Incwadi yezEnzo ikhuluma ngokuphindaphindiwe ngokunikeza kukaPawulu “ubufakazi obuphelele.” (IzE. 23:11; 28:23) Singakwenza kanjani lokho osukwini lwethu?
2. Singabunikeza kanjani ubufakazi obuphelele lapho sishumayela endlini ngendlu?
2 Endlini Ngendlu: Emzamweni wokuthola abaninikhaya abangakaze bazizwe izindaba ezinhle, kungase kudingeke sibahambele ngesinye isikhathi phakathi nosuku. Umnumzane wekhaya angase atholakale ngezikhathi zakusihlwa ekhaya noma ngezimpelasonto. Kufanele silwele ukuba sikhulume nothile emzini ngamunye futhi sibuyele kaningi emizini esiyithole ingenabantu. Kuthiwani uma imizamo yakho yokuthola othile ingaphumeleli? Mhlawumbe ukubhala incwadi noma ukushaya ucingo kungaba nezithelo ezinhle.
3. Imaphi amathuba onawo okufakaza obala nangokwethukela?
3 Obala Nangokwethukela: Izinceku zikaJehova namuhla zidlulisela “ukuhlakanipha kweqiniso” kubo bonke abalalelayo. Ngezinye izikhathi lokhu kwenzeka “esitaladini” noma “ezigcawini.” (IzAga 1:20, 21) Lapho senza imisebenzi yethu yansuku zonke, ingabe sikuphaphamele ukunikeza ubufakazi? Kungashiwo yini ukuthi ‘simatasa kakhulu ngezwi’? (IzE. 18:5) Uma kunjalo-ke, siyobe sisifeza ngokugcwele isibopho sethu ‘sokunikeza ubufakazi obuphelele.’—IzE. 10:42; 17:17; 20:20, 21, 24.
4. Umthandazo nokuzindla kunamuphi umthelela ekunikezeni kwethu ubufakazi obuphelele?
4 Nokho, ngezinye izikhathi, ngenxa yobuthakathaka noma amahloni emvelo, singase sinqikaze ukunikeza ubufakazi. Ngokuqinisekile, uJehova uyakuqonda ukulinganiselwa kwethu. (IHu. 103:14) Noma kunjalo, uma lokho kwenzeka, singathandaza kuye sicele isibindi sokukhuluma. (IzE. 4:29, 31) Kanti nalapho senza isifundo somuntu siqu futhi sizindla ngeZwi likaNkulunkulu, singagxila ekujuliseni ukwazisa kwethu ngenzuzo edlula zonke yezindaba ezinhle. (Fil. 3:8) Lokhu kuyosishukumisela ukuba sizimemezele ngentshiseko!
5. Singaba kanjani nengxenye ekugcwalisekeni kwesiprofetho sikaJoweli?
5 Isiprofetho sikaJoweli sabikezela ukuthi ngaphambi kokufika kosuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo, abantu bakaNkulunkulu ‘babeyolokhu behamba’ futhi bengavumeli lutho ukuba lubadikibalise ekushumayeleni. (Joweli 2:2, 7-9) Kwangathi singahileleka ngokugcwele kulo msebenzi wokufakaza ongasayikubuye uphindwe!