Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo kuzoxoxwa ngayo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-April 29, 2013. Kufakwe nosuku okuzoxoxwa ngalo ngephuzu ngalinye ukuze kwenziwe ucwaningo lapho kulungiselelwa isikole isonto ngalinye.
1. Isiphi isikhumbuzo esingathi sína esanikezwa uJesu ngokuphathelene nomshado esikuMarku 10:6-9? [Mar. 4, w08 2/15 k. 30 isig. 8]
2. Kusho ukuthini ukukhonza uJehova ngomphefumulo wonke? (Marku 12:30) [Mar. 4, w97 10/15 k. 13 isig. 4]
3. Iyini ‘imihelo yokucindezeleka’ okubhekiselwe kuyo kuMarku 13:8? [Mar. 11, w08 3/15 k. 12 isig. 2]
4. Iziphi izincwadi uLuka azicwaninga lapho ehlanganisa iVangeli lakhe? (Luka 1:3) [Mar. 18, w09 3/15 k. 32 isig. 4]
5. Iqiniso lokuthi uSathane ufuna ‘isikhathi esikahle’ ukuze avivinye ubuqotho bethu kufanele lisishukumisele ukuba senzeni? (Luka 4:13) [Mar. 25, w11 1/15 k. 23 isig. 10]
6. Kufanele siwasebenzise kanjani amazwi alotshwe kuLuka 6:27, 28? [Mar. 25, w08 5/15 k. 8 isig. 4]
7. Kungani uJesu akwazi ukuthethelela owesifazane oyisoni ngaphambi kokuba afe njengomhlatshelo wesihlengo? (Luka 7:37, 48) [Apr. 1, w10 8/15 kk. 6-7]
8. Abalandeli bakaKristu kumelwe ‘bazizonde’ ngamuphi umqondo izihlobo zabo? (Luka 14:26) [Apr. 15, w08 3/15 k. 32 isig. 1; w92 7/15 k. 9 izig. 3-5]
9. “Izibonakaliso elangeni nasenyangeni nasezinkanyezini” ziyosithinta kanjani isintu? (Luka 21:25) [Apr. 22, w97 4/1 k. 15 izig. 8-9]
10. Singayilingisa kanjani indlela kaJesu yokuthandaza lapho sibhekene nezilingo ezinzima kakhulu? (Luka 22:44) [Apr. 29, w07 8/1 k. 6 isig. 2]