Bheka Abaprofethi Njengesibonelo—UJoweli
1. Singakulingisa kanjani ukuthobeka kukaJoweli lapho sishumayela?
1 Wayengubani umprofethi uJoweli? Akuvezayo nje kuphela ukuthi ‘wayeyindodana kaPhethuweli.’ (Joweli 1:1) Okwakubaluleke kakhulu kulo mprofethi othobekile kwakuyisigijimi sikaJehova hhayi indima yakhe njengesithunywa. Ngokufanayo, kunokuzifunela udumo noma ukuvelela enkonzweni yethu, siqondisa ukunakekela kuJehova naseBhayibhelini. (1 Kor. 9:16; 2 Kor. 3:5) Ngaphezu kwalokho, isigijimi esisimemezelayo siyasiqinisa. Yiziphi izici zesiprofetho sikaJoweli ezingasenza sigcwale intshiseko nethemba namuhla?
2. Ukuba seduze kosuku lukaJehova kufanele kusishukumisele ukuba senzeni?
2 “Usuku LukaJehova Luseduze.” (Joweli 1:15): Nakuba la mazwi alotshwa eminyakeni eyizinkulungwane edlule, siphila esikhathini agcwaliseka ngaso okokugcina. Ukuwohloka kwezimo zezwe, ukunganakwa nokuhlekwa usulu ensimini kuwubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi sesiphila ezinsukwini zokugcina zalesi simiso sezinto. (2 Thim. 3:1-5; 2 Pet. 3:3, 4) Lapho sicabangisisa ngokuba seduze kwesiphelo, sinezizathu zokwenza inkonzo ize kuqala ekuphileni kwethu.—2 Pet. 3:11, 12.
3. Kungani inkonzo ibaluleke ngokukhethekile njengoba usizi olukhulu lusondela?
3 “UJehova Uyoba Yisiphephelo Sabantu Bakhe.” (Joweli 3:16): Ukuzamazama okuchazwe kuleli vesi kungabhekisela kuphela esahlulelweni uJehova ayosikhipha phakathi nosizi olukhulu. Kuyasiduduza ukwazi ukuthi uJehova uyozikhulula izinceku zakhe ezithembekile ngaleso sikhathi. (IsAm. 7:9, 14) Njengoba sihlanganyela emsebenzini wokushumayela futhi sibona indlela uJehova asisekela nasiqinisa ngayo, sakha ukholo nokukhuthazela okuyosisiza phakathi nosizi olukhulu oluzayo.
4. Kungani singajabula futhi sibheke ikusasa ngokuqiniseka?
4 Nakuba abanye beye bachaza isigijimi sikaJoweli njengesingenathemba, sinikeza abantu bakaNkulunkulu ithemba elikhazimulayo lokukhululwa. (Joweli 2:32) Khona-ke, masibheke ikusasa ngokuqiniseka futhi simemezele izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ngentshiseko njengoba silalela amazwi kaJoweli 2:23: “Jabulani nethabe ngoJehova uNkulunkulu wenu.”