Izintshumayelo Ezisikiselwe
Zokuqala Izifundo ZeBhayibheli NgoMgqibelo Wokuqala Ku-September
“Sawubona. Sinivakashele kafushane ukuze sibonise abantu abashadile usizo abangalwethemba lokwenza umshado wabo uphumelele. Ngombono wakho, yini eyenza abantu bangajabuli emshadweni?” [Lindela impendulo.] Mbonise ikhasi elingemuva le-Nqabayokulinda ka-September 1, bese nixoxa ngamaphuzu angaphansi kombuzo wokuqala nomBhalo okungenani owodwa okhonjiwe. Mhambisele omagazini bese wenza amalungiselelo okubuya nizoxoxa ngombuzo olandelayo.
INqabayokulinda September 1
“Sinivakashele ngoba abaningi emphakathini wethu bayazibuza ukuthi kungani uNkulunkulu evumele ukuhlupheka okungaka. Ingabe wake wazibuza lokho? [Lindela impendulo.] Kuyajabulisa ukuthi iBhayibheli lithembisa ukuthi kuyoba nesikhathi okuyophela ngaso ukulila nobuhlungu. [Funda isAmbulo 21:4.] Lo magazini ukhuluma ngezizathu eziyisihlanu eziyinhloko zokuthi kungani kunokuhlupheka okungaka. Ubonisa nalokho okushiwo iBhayibheli ngendlela uNkulunkulu ayoqeda ngayo ukuhlupheka.”
Phaphama! September
“Sinivakashele ukuze sinibonise amaphuzu athile mayelana neholide elithandwayo elisondelayo—iHalloween. Abanye baye bakhetha ukungaligubhi ngenxa yezixwayiso ezinjengalesi esiseBhayibhelini. [Funda uLevitikusi 19:31.] Abanye abantu abakholelwa ukuthi ikhona imimoya enamandla angaphezu kwavamile futhi babheka iHalloween njengokuzijabulisa okungenangozi. Uthini wena ngaleli holide? [Lindela impendulo.] Lo magazini uveza umsuka omubi weHalloween.”