IBhokisi Lemibuzo
◼ Ingabe ummemezeli wesifazane kufanele athwale ekhanda uma ehamba nommemezeli wesilisa esifundweni esiqhutshwa umi emnyango?
Uma ummemezeli wesifazane eqhuba isifundo seBhayibheli esihleliwe, kukhona nommemezeli woMbuso wesilisa, kufanele athwale ekhanda. (1 Kor. 11:3-10) INqabayokulinda ka-July 15, 2002, ikhasi 27, iyachaza: “Lesi isimiso esihlelwe kusengaphambili sokufundisa lapho lo oqhuba isifundo engamela ngokoqobo. Kulezi zimo, isifundo sifana nesebandla. Uma owesifazane onguFakazi obhapathiziwe eqhuba isifundo esinjalo kukhona uFakazi wesilisa obhapathiziwe, kuyafaneleka ukuba athwale.” Lokhu kubalulekile kungakhathaliseki ukuthi isifundo siqhutshelwa endlini, emnyango noma kwenye indawo.
Ngakolunye uhlangothi, uma isifundo seBhayibheli esiqhutshwa umi emnyango singakaqalwa, udade ngeke kudingeke athwale ekhanda uma kukhona ummemezeli woMbuso wesilisa, ngisho noma injongo yokwenza impindelo iwukubonisa ukuthi isifundo seBhayibheli siqhutshwa kanjani noma iwukuxoxa ngendaba ekwenye yezincwadi ezituselwe ukuqhuba isifundo. Njengoba izifundo eziqhutshwa umi emnyango zivame ukuqalwa kancane kancane ngokulokhu siphindela ngokuqhubekayo, abamemezeli kuyodingeka bacabangele izimo futhi bahlakaniphe lapho benquma ukuthi kunini lapho kufanele baqale ukuthwala ekhanda.