Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/13 kk. 4-6
  • Okuhlangenwe Nakho

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuhlangenwe Nakho
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela Yokusebenzisa Ethi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
  • Ukuhlakulela Isithakazelo Esigijimini SoMbuso
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Lingisa UJehova Ngokukhathalela Abanye Ngobuqotho
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Memezela Izindaba Ezinhle ZoMbuso Ngezincwajana Ezingangomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
km 12/13 kk. 4-6

Okuhlangenwe Nakho

◼ E-Australia: UJohn, umlisa ofundile, wayesonta eseyingane kodwa wagcina ekholelwa ngokuqinile ukuthi uNkulunkulu akekho. Iphayona elithile lamshiyela incwajana ethi Ingabe Izinto Eziphilayo Zadalwa?, ekuhambeleni okulandelayo lamshiyela ethi Origin of Life. Laqhubeka lihlakulela isithakazelo ngokumlethela omagazini abasha bese likhulumela noma iziphi izihloko zendalo noma iziprofetho zeBhayibheli. Lapho selibona ukuthi sekuyafaneleka, lanika uJohn incwadi ethi IBhayibheli—IZwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? Ngemva kokuyifunda, uJohn waqala ukuzibiza ngomuntu ongaqiniseki ukuthi uNkulunkulu ukhona noma akekho. Iphayona labe selimnika incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli, lambonisa isigaba 8 ekhasini 20 nezigaba 13-16 emakhasini 23-24. ImiBhalo ekhonjiwe kule ncwadi yamhlaba umxhwele kakhulu uJohn waze wathi, “Mhlawumbe kumelwe ngiphinde ngilifunde iBhayibheli.”

◼ EMexico: Indoda ethile yatshela ummemezeli ukuthi ayikholelwa ukuthi iBhayibheli laphefumulelwa uNkulunkulu. Ummemezeli wacela ukuyibonisa ubufakazi bokuphefumulelwa kwalo. Ngemva kwezingxoxo ezimbalwa, inhliziyo yayo yaqala ukuthintwa eyayikufunda eBhayibhelini. Yathinteka kakhulu lapho ifunda ngezindinganiso zikaNkulunkulu. Yathi kummemezeli: “Ekuqaleni lapho sifunda iBhayibheli, iseluleko salo sasizwakala njengesivela kunoma iyiphi enye incwadi futhi sasingangithinti. Kodwa manje lapho silifunda, ikakhulu lapho sifunda ngeseluleko salo ngokuziphatha, inhliziyo yami iba buhlungu.”

◼ E-United States: Ngesikhathi umbhangqwana othile uhlanganyela ekufakazeni okukhethekile emadolobheni amakhulu, wathola owesifazane waseTaiwan owayekholelwa kuNkulunkulu kodwa enomuzwa wokuthi iBhayibheli liyincwadi yaseNtshonalanga. Weza wazobona izincwadi okwakukhangiswe ngazo ngoba enomuzwa wokuthi akananjongo ekuphileni yize ephila kahle. Wayethemba ukuthi iBhayibheli lizomsiza abe nenjongo ekuphileni. Lo mbhangqwana waqala isifundo naye ngencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli nencwajana ethi Last­ing Peace and Happiness—How to Find Them. Kunokuba bafunde isahluko 2 encwadini, baxoxa ngengxenye esencwajaneni ethi “A Guidebook for the Blessing of All Mankind.” Ngemva kokuxoxa ngezigaba zokuqala eziyisithupha kuleyo ngxenye, lona wesifazane wathi kuyammangaza ukuthi iBhayibheli lihluke kangaka kwezinye izincwadi zenkolo. Ngemva kokuxoxa ngeziprofetho zeBhayibheli ezigcwalisekile, wathi, “Ngicabanga ukuthi ayikho enye incwadi enembe njengeBhayibheli!”

◼ EJapane: Nakuba umninikhaya atshela ummemezeli ukuthi akakholelwa kuNkulunkulu, ummemezeli waqhubeka emvakashela, exoxa naye ngezihloko ze-Phaphama! ezithi “Ingabe Kwaklanywa?” Kancane kancane le ndoda yashintsha indlela eyayicabanga ngayo, yaqala ukuvuma ukuthi kungenzeka ukhona uMdali. Manje isiyakholelwa ukuthi ukhona uNkulunkulu futhi lo mmemezeli uyifundela incwajana ethi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!

◼ ECanada: Lapho umama othile ephuma endlini eya emotweni, udade wamhambisela omagazini bamuva. Lapho ephindela kuye, lo mama wamtshela ngokuqiniseka ukuthi akanasithakazelo futhi akakholelwa kuNkulunkulu. Udade akaphelanga amandla, wamlethela incwajana ethi A Satisfying Life—How to Attain It. Lapho udade ethola lo mama esekhaya, wamtshela ukuthi nakuba azi ukuthi akakholelwa kuNkulunkulu, wayecabanga ngaye ngoba wayazi ukuthi ungumzali ongayedwa. Wambonisa isigaba 6 ekhasini 4 lencwajana, esikhuluma ngokuthi singasitholaphi iseluleko esihle. Wabe esemkhuthaza ukuba afunde ukusikisela okusesifundweni 2 esikhuluma ngokukhulisa izingane. Wajabula kakhulu lo mama, wayithatha incwajana.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela