Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/14 k. 8
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
km 4/14 k. 8

Izintshumayelo Ezisikiselwe

Zokuqala Izifundo ZeBhayibheli NgoMgqibelo Wokuqala Ku-May

“Sinivakashele kafushane ukuze sizoxoxa ngalo mbuzo. [Mbonise umbuzo wokuqala ongemuva kwe-Nqabayokulinda ka-May 1.] Wena ucabangani?” Lindela impendulo. Xoxani ngendaba engaphansi kombuzo bese nifunda okungenani umBhalo owodwa kwekhonjiwe. Mhambisele omagazini, bese uhlela ukubuya nizoxoxa ngombuzo olandelayo.

INqabayokulinda May 1

“Sinivakashele kafushane ngoba abantu abaningi bafuna ukwazi ukuthi ikusasa libaphatheleni. Uzizwa kanjani uma ucabanga ngekusasa? Unalo ithemba ngalo noma ukhathazekile? [Lindela impendulo. Yibe usufunda omunye wemiBhalo esebhokisini elithi “Lokho UNkulunkulu Akwembulile Ngekusasa.”] Lo magazini uchaza ezinye zezinto uNkulunkulu athi zizokwenzeka, uchaze nokuthi kungani singaqiniseka ngokuthi zizofezeka.”

Phaphama! May

“Sivakashela abantu kafushane ukuze sibasize babhekane nokucindezeleka. Ucabanga ukuthi abantu bacindezeleka kakhulu namuhla kunangesikhathi esidlule? [Lindela impendulo.] Abaningi bathole ukuthi ukusebenzisa iseluleko esiwusizo esitholakala eBhayibhelini kubasiza bakwazi ukubhekana nokucindezeleka. Nasi isibonelo. [Funda uMathewu 6:34.] Lo magazini uchaza indlela izimiso zeBhayibheli ezingasisiza ngayo sibhekane nezimbangela ezine ezivamile zokucindezeleka.”

Phawula: Osomabhizinisi bangase bawujabulele ngokukhethekile lo magazini.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela