Izintshumayelo Ezisikiselwe
Zokuqala Izifundo ZeBhayibheli NgoMgqibelo Wokuqala Ku-February
“Abantu esikhuluma nabo banemibono engafani ngeBhayibheli. Abanye bakholelwa ukuthi liyiZwi likaNkulunkulu kanti abanye balibheka njengencwadi nje evamile. Wena ulibheka kanjani?” Lindela impendulo. Mbonise ikhasi elingemuva le-Nqabayokulinda ka-February 1 bese nixoxa ngendaba engaphansi kombuzo wokuqala kanye nomBhalo okungenani owodwa kwekhonjiwe. Mhambisele omagazini bese uhlela ukuphindela kuye ukuze nixoxe ngombuzo olandelayo.”
INqabayokulinda February 1
“Abantu abaningi bangathanda ukubona ukuphela kwezimpi. Ingabe ucabanga ukuthi ukuthula komhlaba wonke kuyinto engenzeka? [Lindela impendulo.] Phawula lokho okuthenjiswa imiBhalo. [Funda iHubo 46:9.] Ngokuthakazelisayo, izenzakalo zaphakathi neMpi Yezwe I nangemva kwayo zisiqinisekisa ngokuthi maduzane uNkulunkulu uzosifeza lesi siprofetho, aqede impi phakade. Lo magazini uyachaza ukuthi kanjani.”
Phaphama! February
“Sinihambele kafushane, sixoxa nabantu ngenkinga evamile. Kubonakala sengathi abantu abanaso isikhathi esanele sokwenza yonke into. Ucabanga ukuthi asinaso isikhathi ngenxa yokuthi sinokuningi okumelwe sikwenze noma ngenxa yokuthi sisisebenzisa kabi? [Lindela impendulo.] Abaningi abazi ukuthi iBhayibheli lisinika iseluleko esisisiza sisebenzise kahle isikhathi. Nasi isibonelo. [Funda eyabaseFilipi 1:10a.] Lo magazini unamacebiso amane aye asiza abantu abaningi ukuba basebenzise isikhathi sabo ngokuhlakanipha.”