Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 5/14 k. 2
  • Hlakulela Umkhuba Wokugcina Isikhathi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Hlakulela Umkhuba Wokugcina Isikhathi
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani Kufanele Ugcine Isikhathi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Lokho okushiwo yiBhayibheli ngokugcina isikhathi
    I-Phaphama!—2016
  • Wena Nokugcina Isikhathi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Bonisa Ukwazisa Ngendlu KaNkulunkulu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
km 5/14 k. 2

Hlakulela Umkhuba Wokugcina Isikhathi

1. UJehova usibekela siphi isibonelo ngokuqondene nokugcina isikhathi?

1 UJehova uhlale esigcina isikhathi. Ngokwesibonelo, unikeza izinceku zakhe ‘usizo ngesikhathi esifanele.’ (Heb. 4:16) Usinikeza nokudla okungokomoya “ngesikhathi esifanele.” (Math. 24:45) Ngakho singaqiniseka ukuthi usuku lwentukuthelo yakhe oluzayo ‘ngeke lwephuze.’ (Hab. 2:3) Yeka indlela esizuza ngayo ngokuthi uJehova uyasigcina isikhathi! (IHu. 70:5) Nokho, njengabantu abamatasa nabangaphelele, ukugcina isikhathi kungaba inselele ngempela. Kungani kufanele sihlakulele umkhuba wokugcina isikhathi?

2. Kungani ukugcina isikhathi kuletha udumo kuJehova?

2 Kulezi zinsuku zokugcina lapho abantu abaningi bengabazithandayo futhi bengenakho ukuzithiba, ukugcina isikhathi sekuyivelakancane. (2 Thim. 3:​1-3) Ngakho lapho amaKristu efika ngesikhathi emsebenzini nasemihlanganweni, abanye bayabona futhi lokho kuletha udumo kuJehova. (2 Pet. 2:12) Ingabe sivame ukufika ngesikhathi emsebenzini wokuziphilisa, kodwa sifike sekwephuzile emisebenzini engokomoya? Ukufika ngesikhathi emihlanganweni yobuKristu, kuhlanganise nengoma nomthandazo wokuvula, kubonisa ukuthi sinesifiso sokulingisa uBaba wethu wasezulwini ohlelekile.​—1 Kor. 14:​33, 40.

3. Kungani ukugcina isikhathi kubonisa ukuthi siyabacabangela abanye?

3 Ukugcina isikhathi kubonisa nokuthi siyabacabangela abanye. (Fil. 2:​3, 4) Ngokwesibonelo, uma sifika ngesikhathi emihlanganweni yobuKristu, kuhlanganise nemihlangano yenkonzo yasensimini, abafowethu abaphazamiseki ngokungenasidingo. Ngakolunye uhlangothi, uma sinomkhuba wokungasigcini isikhathi, sinikeza abanye umbono wokuthi isikhathi sethu sibaluleke kakhulu kunesabo. Ukugcina isikhathi kubonisa ukuthi sikhuthele futhi sithembekile​—okuyizimfanelo ezaziswa abantu abasizungezile.

4. Uma sivame ukufika sekwephuzile, yini engasisiza sigcine isikhathi?

4 Uma uvame ukufika sekwephuzile, zibuze ukuthi kungani. Zama ukuhleleka ngokuzenzela isimiso esinengqondo esikuvumela ukuba uqede imisebenzi yakho ngesikhathi. (UmSh. 3:1; Fil. 1:10) Cela uJehova akusize. (1 Joh. 5:14) Ukugcina isikhathi kungenye yezindlela zokubonisa ukwazisa ngemiyalo emibili emikhulu kunayo yonke yoMthetho​—ukuthanda uNkulunkulu nomakhelwane.​—Math. 22:​37-39.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela