Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 7/14 k. 4
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lisebenzise Njalo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
  • Sebenzisa Ipheshana Elisha Lengosi Yethu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2015
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2016
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
km 7/14 k. 4

Izintshumayelo Ezisikiselwe

Singazitholaphi Izimpendulo Zemibuzo Ebalulekile Ekuphileni?

Nikeza umninikhaya ipheshana ukuze abone isihloko bese uthi: “Sawubona. Sisemkhankasweni womhlaba wonke wokusakaza lo myalezo obalulekile. Nansi ikhophi yakho.”

Uma nishiya ipheshana emizini engenabantu, libekeni endaweni esithekile futhi nigweme ukuligoqa ngokungadingekile.

Uma umninikhaya ebonisa isithakazelo noma enesifiso sokuxoxa, ungacela umbono wakhe ngombuzo olandelwa izimpendulo ezintathu osekhasini lokuqala. Vula ipheshana bese umbonisa lokho okushiwo iHubo 119:​144, 160. Chaza ukuthi leli pheshana liqukethe ukwaziswa ngengosi engamsiza athole izimpendulo ezanelisayo eBhayibhelini. Mhlawumbe ungambonisa isibonelo salokhu ngokudlala i-video ethi Kungani Kufanele Utadishe IBhayibheli? Ngaphambi kokuba uhambe, mbonise imibuzo emithathu esekhasini elingemuva lepheshana bese umbuza ukuthi yimuphi umbuzo omkhathaza kakhulu. Cela ukubuya ukuze umbonise ukuthi angayithola kanjani impendulo yeBhayibheli ku-jw.org. Lapho ubuya, xoxani ngempendulo ngokubheka ngaphansi kwesihloko esithi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > IZIMPENDULO ZEMIBUZO YEBHAYIBHELI.

Uma nizobe nihambisa nezimemo zomhlangano wesifunda, zihambiseni kanye nepheshana bese nithi: “Nasi nesimemo somhlangano womphakathi ozayo.”

INqabayokulinda August 1

Ngezimpelasonto, lapho kufaneleka, nakhu ongakusho lapho uhambisa INqabayokulinda: “Singathanda nokukunika omagazini bethu bakamuva. Le Nqabayokulinda iphendula umbuzo othi, Ingabe uNkulunkulu uyakukhathalela?”

Phaphama! August

Ngezimpelasonto, lapho kufaneleka, nakhu ongakusho lapho uhambisa i-Phaphama!: “Singathanda nokukunika omagazini bethu bakamuva. Le Phaphama! iphendula umbuzo othi, Abantu bangakwenza kanjani ukuthula?”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela