Izintshumayelo Ezisikiselwe
INqabayokulinda April 1
“Namuhla sihambisa leli pheshana kuwo wonke umuntu kule ndawo. [Nikeza umninikhaya ipheshana elithi Ucabangani NgeBhayibheli? bese umbuza imibuzo esekuqaleni. Mbonise impendulo enikezwa iBhayibheli kweyesi-2 Thimothewu 3:16 futhi umkhuthaze ukuba afunde leli pheshana lapho esenesikhathi.] Abantu abaningi abazi ukuthi iBhayibheli linikeza izimpendulo ezigculisayo emibuzweni efana nale. [Mbonise imibuzo esekuqaleni esihlokweni sokuqala sale Nqabayokulinda.] Lo magazini uchaza indlela ongathola ngayo izimpendulo eBhayibhelini lakho.”
Phaphama! April
“Sinihambele kafushane namuhla ngenxa yokuthi abantu abaningi bakhathazekile ngezinguquko abazibona emindenini. Eminyakeni edlule, ngabazali ababeqondisa izingane zabo kodwa manje kubonakala sengathi izingane eziqondisa abazali. Ucabanga ukuthi abazali baziyala ngendlela efanele izingane zabo namuhla? [Lindela impendulo.] NgokweBhayibheli, isiyalo sibalulekile. [Funda izAga 29:17.] Lo magazini ukhuluma ngezimfundiso zeBhayibheli ezilinganiselayo ekuyaleni izingane.”