Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukubonisa Isithakazelo Kumuntu Ngamunye
Okwenza Kubaluleke: UJesu wayenesithakazelo sothando kumuntu ngamunye. Ngokwesibonelo, ngesinye isikhathi uJesu cishe wabona ukuthi indoda ethile eyisithulu yayinamahloni, ngakho lapho eyelapha, wayelaphela ngasese kude nesixuku. (Marku 7:31-35) Wabonisa ukubacabangela abafundi bakhe ngokuqaphela ukulinganiselwa kwabo nangokungabaxini ngolwazi oluningi. (Joh. 16:12) Ngisho nasesikhundleni sakhe sasezulwini, uJesu uyasibonisa isithakazelo kumuntu ngamunye. (2 Thim. 4:17) Njengabalandeli bakaKristu, sifuna ukumlingisa. (1 Pet. 2:21; 1 Joh. 3:16, 18) Ngaphezu kwalokho, siyophumelela kakhudlwana enkonzweni yethu uma simcabangela umninikhaya futhi siqaphela izimo zakhe, izinto azithandayo nezimkhathazayo. Cishe uyothambekela ekusilaleleni uma ebona ukuthi asifuni nje kuphela ukumshumayeza noma ukumshiyela incwadi; kunalokho sinesithakazelo kuye siqu.
Zama Lokhu Phakathi Nenyanga:
Phakathi nokukhulekela komkhaya noma lapho nisenkonzweni, prakthizani indlela ummemezeli okumelwe avumelanise ngayo intshumayelo yakhe nalokho okushiwo umninikhaya.
Phakathi nemihlangano yenkonzo yasensimini, umzalwane oqhubayo angase axoxe ngezindlela zokubonisa isithakazelo somuntu siqu noma kube nomboniso.