Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukufakaza Nge-Intercom
Okwenza Kubaluleke: Ukufakaza nge-intercom kungethusa. Singakugwema kanjani ukuvumela le nselele idambise intshiseko yethu ngemisebenzi emihle? Khumbula ukuthi ukufakaza nge-intercom kungase kube ukuphela kwendlela ongafinyelela ngayo abanye abantu ngezindaba ezinhle. (Roma 10:14) Okuhlangenwe nakho kuye kwabonisa ukuthi ukufakaza okuphumelelayo kunganikezwa ngale ndlela. (Bheka INcwadi Yonyaka Ka-2011, kk. 65-66 ne-Ncwadi Yonyaka Ka-2000, k. 54, isig. 3.) Cabangela ukusikisela okulandelayo.
Zama Lokhu Phakathi Nenyanga:
Phakathi nokukhulekela komkhaya yibani nezikhathi zokuprakthiza, abalingisi bafulathelane.