Zithengisisele Ithuba Enkonzweni
OFakazi BakaJehova bachithe amahora angu-1 945 487 604 enkonzweni phakathi nonyaka wenkonzo ka-2014—ubufakazi obusobala bokuthi sizimisele ukuhlale simatasa enkonzweni kaJehova! (IHu. 110:3; 1 Kor. 15:58) Njengoba “isikhathi esesisele sinciphile,” singakwazi yini ukusebenzisa isikhathi sethu esiyigugu ukuze sithole abantu abengeziwe?—1 Kor. 7:29.
Ukuthengisisa ithuba enkonzweni kudinga ukuzivumelanisa nezimo. Ngokwesibonelo, uma uvame ukusebenza ihora elilodwa noma ngaphezulu esicini esithile senkonzo kodwa ungakhulumi namuntu, ungakwazi yini ukwenza ushintsho ukuze uthole futhi ukhulume nabantu abengeziwe? Izimo ziyehluka izindawo ngezindawo. Nokho, ukusikisela okulandelayo kungakusiza usebenzise isikhathi sakho kangcono ukuze ugweme ‘ukushaya umoya.’—1 Kor. 9:26.
Ukufakaza Endlini Ngendlu: Sekungamashumi eminyaka abamemezeli beqala usuku lwabo enkonzweni ngokushumayela endlini ngendlu. Nokho, njengoba abantu abaningi besebenza phakathi nosuku, kunganjani uzame ukushumayela endlini ngendlu ntambama noma kusihlwa, lapho abantu abaningi besemakhaya futhi bekhululekile? Phakathi nosuku, ukufakaza emgwaqweni noma endaweni yamabhizinisi kungaba nemiphumela emihle.
Ukufakaza Obala: Amatafula nezinqola kumelwe kubekwe ezindaweni ezidlula abantu abaningi ensimini yebandla. (Bheka INkonzo Yethu YoMbuso ka-July 2013, k. 5.) Uma bengasebaningi abantu abadlula endaweni eyabelwe ukufakaza obala, iKomiti Yenkonzo Yebandla ingase inqume ukuba amatafula nezinqola kuyiswe endaweni edlula abantu abaningi.
Izimpindelo Nezifundo ZeBhayibheli: Ungakwazi yini ukuhlela ukwenza izimpindelo nezifundo zeBhayibheli ngezikhathi lapho ezinye izici zenkonzo zingatheli kangako? Ngokwesibonelo, uma inkonzo yendlu ngendlu ithela kakhulu ngeMigqibelo ekuseni, ungakwazi yini ukuqhuba izifundo zeBhayibheli ntambama noma kusihlwa? Lapho benza izimpindelo, abamemezeli bangakwazi yini ukuhamba babe mbalwa ukuze bakwazi ukufeza okwengeziwe enkonzweni?
Nakuba kuyiqiniso ukuthi singakwazi ukubala isikhathi esisichithe noma nini lapho sishumayela, injabulo yethu iyakhula lapho sikhiqiza. Uma uthola ukuthi ukuhlanganyela esicini esithile senkonzo akuphumeleli kangako ngesikhathi esithile, zama esinye isici. Thandaza kuJehova, “iNkosi yokuvuna,” ucele isiqondiso sakhe ukuze uthengisise ithuba enkonzweni!—Math. 9:38.