Indlela Yokufakaza Ngezinqola Namatafula
Ukufakaza ngezinqola namatafula kubonakala kuyindlela ephumelela kakhulu yokudonsela abantu abanhliziyo ziqotho eqinisweni. (Joh. 6:44) Ngakho, abadala baye bakhuthazwa ukuba bahlele ukufakaza ngezinqola namatafula ezindaweni zensimu yebandla ezinabantu abaningi abadlulayo. Njengoba izinqola namatafula kuyizinto esihamba nazo uma sesiqedile, ngokuvamile asikho isidingo sokucela imvume yeziphathimandla. Obani abafanelekela ukuhlanganyela kulokhu? Abamemezeli ababonisa ukwahlulela okuhle, abaziphatha ngenhlonipho nabanekhono elihle lokuxoxa. Ngezansi kubhalwe izinto abamemezeli okufanele bazenze nokungafanele bazenze, ezizobasiza baphumelele ngokwengeziwe.