Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukuqala Ingxoxo Ukuze Ufakaze Ngokwethukela
Okwenza Kubaluleke: Lapho sisenkonzweni yendlu ngendlu, sivame ukuthola abantu abaningi bengekho emakhaya. Nokho, singase sihlangane nabo lapho sigibele izinto zokuhamba zomphakathi, lapho sisegunjini lokulinda likadokotela, lapho sisekhefini emsebenzini noma esikoleni, njalonjalo. Kuyintando kaJehova ukuba bonke abantu bathole ithuba lokuzwa isigijimi soMbuso. (1 Thim. 2:3, 4) Ngokuvamile, ukuze sishumayele, kumelwe sithathe isinyathelo sokuqala ingxoxo.
Zama Lokhu Phakathi Nenyanga:
Isonto ngalinye zama ukuqala ingxoxo okungenani nomuntu oyedwa unomgomo wokufakaza ngokwethukela.