Izinto Eziqoshiwe—Indlela Yokuzisebenzisa
1. Ngaphezu kwezincwadi ezinyathelisiwe, iliphi elinye ilungiselelo elizuzisayo esinalo?
1 Abantu abaningi bayakuthokozela ukusebenzisa i-jw.org ukuze bafunde amazwi ajabulisayo, eqiniso nayiwonawona. (UmSh. 12:10) Nokho, ingabe uke wazisebenzisa izinto eziqoshiwe? Zenza umuntu akwazi ukulalela okuningi okusengosini yethu. Zingasizuzisa kanjani izinto eziqoshiwe?
2. Singazisebenzisa kanjani izinto eziqoshiwe lapho sizitadishela sodwa noma nemikhaya yethu?
2 Ezokuzitadishela Sisodwa Noma Nomkhaya: Ukulalela iBhayibheli eliqoshiwe, omagazini, noma incwadi lapho sisohambweni noma lapho senza imisebenzi yansuku zonke kungasisiza sisebenzise isikhathi sethu ngokuhlakanipha. (Efe. 5:15, 16) Singenza ukukhulekela komkhaya kuthakazelise ngokulalela ukwaziswa okufundwayo sibe sihambisana nakho emakhophini ethu. Ukusebenzisa izinto eziqoshiwe esifundweni somuntu siqu kusiza ngokukhethekile uma sifuna ukuthuthukisa ikhono lethu lokufunda noma uma sifunda ulimi olusha.
3. Obani ensimini yethu abangazuza ezintweni eziqoshiwe?
3 Ezasenkonzweni: Abantu ensimini yethu abanomuzwa wokuthi abanaso isikhathi sokufunda bangase bathande ukulalela izinto eziqoshiwe. Kokunye, singahlangana nabakhuluma olunye ulimi futhi cishe abangasabela uma bengezwa isigijimi soMbuso ‘ngolimi lwabo abazalwa nalo.’ (IzE. 2:6-8) Kwezinye izindawo, ukulalela kuyisiko elibalulekile. Ngokwesibonelo, abantu abakhuluma isiHmong, bawudlulisela ngomlomo umlando esizukulwaneni esisha futhi bakwazi kahle ukugcina ukwaziswa abakuzwa ngendlebe. Abantu abaningi base-Afrika bayakujabulela ukufunda ngokulalela ukulandiswa kwezindaba.
4. Yimiphi imibuzo esingazibuza yona ngokusiza abantu ensimini yethu?
4 Ensimini yenu, kungazuzisa yini ukudlalela umninikhaya into eqoshiwe ngolimi lwakhe? Ukhona yini ongazuza encwadini eqoshiwe esimthumelela yona nge-e-mail? Singakwazi yini ukudawuniloda incwadi siyifake kuyi-CD bese siyinika umninikhaya onesithakazelo, mhlawumbe kanye nayo leyo ncwadi enyathelisiwe? Noma iyiphi incwadi ephelele ekuyi-Internet, incwajana, umagazini noma ipheshana esikunika umuntu ensimini kungabalwa njengokuhanjisiwe. Izinto eziqoshiwe ziklanyelwe thina ukuba sizisebenzise esifundweni somuntu siqu nasekutshaleni imbewu yeqiniso loMbuso.—1 Kor. 3:6.