AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | JOBE 1-5
UJobe Wagcina Ubuqotho Ngaphansi Kovivinyo
UJobe wayehlala e-Uze ngesikhathi ama-Israyeli esebugqilini eGibhithe. Nakuba ayengeyena umIsrayeli, uJobe wayengumkhulekeli kaJehova othembekile. Wayenomndeni omkhulu, ecebile futhi enethonya emphakathini. Wayengumeluleki ohlonishwayo nomahluleli ongakhethi. Wayenomusa kwabampofu nabaswele. UJobe wayeyindoda eqotho.
UJobe wabonisa ngokucacile ukuthi uJehova wayenguMuntu obaluleke kakhulu ekuphileni kwakhe
USathane wabuqaphela ubuqotho bukaJobe. Akazange aphike ukuthi uJobe uyamlalela uJehova; kunalokho, wangabaza izisusa zakhe
USathane wathi uJobe ukhonza uJehova ukuze azizuzise yena
Ukuze aphendule izinsolo zikaSathane, uJehova wavumela uSathane ukuba ahlasele le ndoda ethembekile. USathane wahlasela uJobe kuzo zonke izici zokuphila kwakhe
Lapho uJobe egcina ubuqotho bakhe, uSathane wangabaza ubuqotho babo bonke abantu
UJobe akonanga noma asole uNkulunkulu