AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | IHUBO 119
“Hamba Ngomthetho KaJehova”
Ukuhamba ngomthetho kaJehova kusho ukuba sizithobe ngokuzithandela esiqondisweni sakhe. Sinezibonelo eziningi ezinhle eziseBhayibhelini zalabo abalalela umthetho kaJehova futhi bancika kuye njengomhubi.
Injabulo yangempela ixhomeke ekuhambeni kwethu ngomthetho kaNkulunkulu
UJoshuwa wabonisa ukuthi wayezethemba ngokuphelele iziqondiso zikaJehova. Wayazi ukuthi ukuze ajabule futhi aphumelele, kwakudingeka athembele kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakhe
IZwi likaNkulunkulu lisinikeza isibindi esisidingayo ukuze sikwazi ukubhekana novivinyo ekuphileni
UJeremiya wabonisa isibindi futhi wancika kuJehova lapho ebhekene nezimo ezinzima. Wagcina ukuphila kwakhe kulula wakhuthazela nasesabelweni sakhe
Ulwazi olunembile lweZwi likaNkulunkulu lusenza sishumayele ngokuqiniseka
UPawulu wayengesabi ukuxoxa nanoma ubani ngezindaba ezinhle ezivela kuNkulunkulu. Wayeqiniseka ngokugcwele ukuthi uJehova uzomsiza lapho eshumayela kuMbusi uFeliksi ngesibindi
Yikuphi lapho ngingashumayela khona ngokuqiniseka kwabanye?
Esikoleni
Emsebenzini
Emndenini
Kwenye indawo