UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Bamukele Ngemfudumalo
Wamukele obani ngemfudumalo? Noma ubani oza emihlanganweni yethu yobuKristu—abaqalayo ukufika nalabo esabagcina kudala. (Ro 15:7; Heb 13:2) Kungaba umKristu ovela kwelinye izwe noma umKristu opholile oseneminyaka engezi emihlanganweni. Cabanga ukuthi ubungazizwa kanjani ukube bekunguwe lowo. Ubungeke yini ukujabulele ukubingelelwa ngemfudumalo? (Math 7:12) Kunganjani-ke wenze umzamo omkhudlwana wokuhambahamba eHholo LoMbuso ubingelele abanye ngaphambi nangemva komhlangano? Lokhu kwenza kube nemfudumalo nothando futhi kudumisa uJehova. (Math 5:16) Yiqiniso, cishe ngeke ukwazi ukuxoxa nawo wonke umuntu okhona. Nokho, wonke umuntu uyozizwa esekhaya uma sonke senza ingxenye yethu.a
Umoya wokwamukela izihambi oqotho siwubonisa ngazo zonke izikhathi, hhayi ngezenzakalo ezikhethekile kuphela njengeSikhumbuzo. Lapho abaqalayo ukufika bezibonela uthando lobuKristu, bangase bashukumiseleke ukudumisa uNkulunkulu futhi bazihlanganise nathi ekumkhonzeni. —Joh 13:35.