AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | MATHEWU 14-15
Ukondla Abaningi Ngezandla Zabambalwa
Ngaphambi nje kwePhasika lika-32 C.E., uJesu wenza isimangaliso okuwukuphela kwaso esibhalwe yibo bobane abalobi bamaVangeli.
Esebenzisa lesi simangaliso, uJesu wabeka indlela yokwenza izinto, leyo asayisebenzisa nanamuhla.
UJesu wayala abafundi bakhe ukuba bondle izixuku, nakuba babenezinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili kuphela
UJesu wathatha lezo zinkwa nezinhlanzi, wathandaza, wabe esenika abafundi bakhe, bona bazidlulisela ezixukwini
Ngokuyisimangaliso, abantu badla kwaze kwasala. UJesu wondla izinkulungwane esebenzisa izandla zabambalwa nje—okungabafundi bakhe
UJesu wabikezela ukuthi ngezinsuku zokugcina, wayeyomisa umzila wokulungiselela ‘ukudla’ okungokomoya ‘ngesikhathi esifanele.’—Math 24:45
Ngo-1919, uJesu wamisa “inceku ethembekileyo neqondayo,” okuyiqembu elincane labafowethu abagcotshiwe, ‘phezu kwabendlu yakhe,’ okuyilabo abondliwayo
Esebenzisa leli qembu elincane labafowethu abagcotshiwe, uJesu usenza ngendlela enza ngayo ngekhulu lokuqala
Ngingabonisa kanjani ukuthi ngiyawuqaphela futhi ngiyawuhlonipha umzila uJesu awusebenzisayo ukuze ondle abantu ngokomoya?