Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 52 k. 128-k. 129 isig. 7
  • Usuthisa Izinkulungwane Ngezinkwa Nezinhlanzi Ezimbalwa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Usuthisa Izinkulungwane Ngezinkwa Nezinhlanzi Ezimbalwa
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJesu Usuthisa Izinkulungwane Ngokuyisimangaliso
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • UJesu Wondla Izinkulungwane Ngokuyisimangaliso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • UJesu Unika Izinkulungwane Zabantu Ukudla
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • UJesu Usuthisa Izixuku
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 52 k. 128-k. 129 isig. 7
UJesu uhlephula izinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili, anike abafundi bakhe ukuba baphe abantu

ISAHLUKO 52

Usuthisa Izinkulungwane Ngezinkwa Nezinhlanzi Ezimbalwa

MATHEWU 14:13-21 MARKU 6:30-44 LUKA 9:10-17 JOHANE 6:1-13

  • UJESU UPHA AMADODA ANGU-5 000 UKUDLA

Abaphostoli abangu-12 bakujabulele ukushumayela kulo lonke elaseGalile, ngakho babikela uJesu ‘zonke izinto abazenzile nabazifundisile.’ Bakhathele, futhi kube kufanele. Noma kunjalo, abatholi ngisho nesikhathi sokudla ngenxa yokuthi kunabantu abaningi abalokhu befika futhi behamba. Ngakho uJesu uthi kubo: “Wozani nina nodwa ngasese endaweni engenabantu, niphumule kancane.”—Marku 6:30, 31.

Bagibela isikebhe, cishe eduze kwaseKapernawume baye endaweni ekude nabantu, empumalanga yoMfula iJordani ngale kweBhetsayida. Nokho, abantu abaningi bayababona njengoba behamba, kanti abanye bayezwa ngakho. Bonke bayagijima bagudle ugu, bafike kuqala kunesikebhe.

Lapho ehla esikebheni, uJesu ubona isixuku bese esihawukela, ngoba sasinjengezimvu ezingenamalusi. Ngakho ‘usifundisa izinto eziningi’ ngoMbuso. (Marku 6:34) Welapha nalabo ‘abadinga ukwelashwa.’ (Luka 9:11) Njengoba isikhathi siqhubeka, abafundi bakhe bathi kuye: “Le ndawo ayinabantu, nesikhathi sesihambile; tshela izixuku zihambe, ukuze zingene emizini zizithengele ukudla.”—Mathewu 14:15.

UJesu uyaphendula: “Akudingeki ukuba zihambe; zinikeni nina ukudla.” (Mathewu 14:16) Nakuba uJesu azi ukuthi yini asezoyenza, uvivinya uFiliphu ngalo mbuzo: “Sizozithengaphi izinkwa ukuze la bantu badle?” UFiliphu ungumuntu okahle okungabuzwa kuye, ngoba kungakubo eBhetsayida. Noma kunjalo, ukuthenga izinkwa ngeke kusize. Kunamadoda angaba ngu-5 000. Kanti lelo nani lingaphindeka kabili uma sekubalwa abesifazane nezingane! UFiliphu uyaphendula: “Izinkwa zodenariyu [udenariyu umholo wosuku] abangamakhulu amabili azanele ukuba ngamunye athole ngisho okuncane.”—Johane 6:5-7.

UJesu ukhuluma nomfanyana ophethe izinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili

Mhlawumbe ukuze abonise ukuthi kuyinto engenakwenzeka ukupha bonke laba bantu ukudla, u-Andreya uthi: “Nangu umfanyana onezinkwa zebhali ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili ezincane. Kodwa kuyini lokhu kubantu abaningi kangaka?”—Johane 6:9.

Kusentwasahlobo, ngaphambi nje kwePhasika lika-32 C.E., ngakho utshani buluhlaza emagqumeni. UJesu uthi abafundi bakhe abatshele abantu ukuba bahlale otshanini ngamaqembu abantu abangu-50 nabangu-100. Uthatha lezi zinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili, bese ebonga kuNkulunkulu. Ngemva kwalokho, uyazihlephula izinkwa nezinhlanzi. UJesu ube esezinika abafundi ukuba baziphe abantu. Ngokumangalisayo bonke abantu bayadla, basuthe!

Kamuva, uJesu utshela abafundi bakhe: “Buthani izingcezwana ezisele, ukuze kungachithwa lutho.” (Johane 6:12) Izingcezwana ezisele zigcwala obhasikidi abangu-12!

  • Kungani uJesu efunela abaphostoli bakhe indawo engenabantu?

  • UJesu nabafundi bakhe baya kuphi, futhi yini abayifica lapho?

  • Abafundi bacela ukuba uJesu enzeni, kodwa yena ubanakekela kanjani abantu?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela