AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | LUKA 17-18
Bonisa Ukuthi Uyabonga
Yini esiyifundayo kule ndaba ngokubonga?
Akufanele sigcine ngokuba nomuzwa wokubonga kodwa kufanele sikubonise nangezenzo
Amazwi okubonga asuka enhliziyweni awubufakazi bokuthi singamaKristu anothando futhi abonisa ukuthi sinenhlonipho
Labo abafisa ukujabulisa uKristu bakweleta bonke abantu uthando nokwazisa, kungakhathaliseki ukuthi bavela kuliphi izwe, abaluphi uhlanga nokuthi bakuyiphi inkolo