AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | IZENZO 1-3
Umoya Ongcwele Uthululelwa Ebandleni LobuKristu
AmaJuda amaningi ayeseJerusalema phakathi nePhentekoste lika-33 C.E. ayevela kwamanye amazwe. (IzE 2:9-11) Nakuba lawo maJuda ayewugcina uMthetho kaMose, kungenzeka ayesehlale kwamanye amazwe ukuphila kwawo konke. (Jer 44:1) Ngenxa yalokho, amaningi ayesebukeka futhi ekhuluma njengabantu bakulawo mazwe ayehlala kuwo hhayi njengamaJuda. Lapho kubhapathizwa isixuku sabantu abangu-3 000 abavela emazweni ahlukahlukene, ibandla lobuKristu laqala ukuba nabantu abaningi abahlukahlukene abavela nakwamanye amazwe. Nakuba babenezizinda ezingafani, “babeba khona njalo ethempelini nganhliziyonye.”—IzE 2:46.
Ungabonisa kanjani ukuthi uyabakhathalela ngempela . . .
abantu abavela kwamanye amazwe abasensimini oshumayela kuyo?
abafowethu nodadewethu abavela kwamanye amazwe abasebandleni lenu?