AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | IZENZO 23-24
Wasolwa Ngokuba Umuntu Owuhlupho Nobhebhezela Ukuvukela Umbuso
AmaJuda aseJerusalema “azibopha ngesiqalekiso” ukuze abulale uPawulu. (IzE 23:12) Nokho, uJehova wayefuna ukuba uPawulu aye eRoma ayoshumayela. (IzE 23:11) Umshana kaPawulu wezwa ngalolo zungu wayesebika, okwenza uPawulu wangabulawa. (IzE 23:16) Le ndaba ikufundisani . . .
nganoma imuphi umzamo wokulwisana nentando kaNkulunkulu?
ngendlela uNkulunkulu angase asisize ngayo?
ngesibindi?