AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | HEBHERU 12-13
Isiyalo Sibonisa Ukuthi UJehova Uyasithanda
Isiyalo sibhekisela esijezisweni, ekulungisweni, ekuqondisweni nasekufundisweni. Njengoba nje ubaba onothando eyala izingane zakhe noJehova uyasiyala. Sithola isiyalo lapho . . .
Sifunda iBhayibheli, sizitadishela, siba khona emihlanganweni nalapho sizindla
Selulekwa noma silungiswa esikholwa naye
Sibhekana nemiphumela yamaphutha ethu
Sisolwa noma sisuswa ekuhlanganyeleni
Sivivinywa noma sibhekana noshushiso uJehova aluvumelayo.—w15 9/15 21 ¶13; it-1-E 629