Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mwb20 Disemba k. 3
  • Sibonisa Uthando Ngokusekela Isiyalo SikaJehova

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Sibonisa Uthando Ngokusekela Isiyalo SikaJehova
  • INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2020
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isiyalo Siyindlela UJehova Abonisa Ngayo Ukuthi Uyasithanda
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2021
  • Ukuyala Okungathela Isithelo Esinokuthula
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Lapho Umuntu Esimthandayo Eshiya UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2021
  • Ukubhekana Nenselele Yokwethembeka
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
Bheka Okunye
INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2020
mwb20 Disemba k. 3

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Sibonisa Uthando Ngokusekela Isiyalo SikaJehova

Ukususwa kuvikela ibandla kuyale nabenzi bokubi. (1Ko 5:6, 11) Uma sisisekela lesi siyalo sikaJehova sisuke sibonisa uthando. Sisuke sibonisa kanjani uthando kuyilapho isiyalo sibangela ubuhlungu kosusiwe, izihlobo zakhe nasekomitini yokwahlulela?

Sisuke sibonisa ukuthi siyamthanda uJehova, asifuni ukungcolisa igama lakhe futhi siyakuhlonipha lokho akubheka njengokuhlanzekile. (1Pe 1:14-16) Sibonisa nokuthi siyamthanda umuntu osusiwe. Nakuba sibuhlungu isiyalo esiqinile, singenza athele “isithelo sokuthula esiwukulunga.” (Heb 12:5, 6, 11) Siphazamisa isiyalo sikaJehova uma siba nobudlelwane nomuntu osusiwe noma ozehlukanisile. Masikhumbule ukuthi uJehova uyabayala abantu bakhe “ngezinga elifanele.” (Jer 30:11) Njengoba sisekela isiyalo sikaJehova futhi siqhubeka senza izinto ezisisondeza kuye, sihlala sinethemba lokuthi lowo muntu uyobuyela kuBaba wethu onesihe.—Isaya 1:16-18; 55:7.

BUKELANI IVIDIYO ETHI LONDOLOZA UBUQOTHO NGENHLIZIYO ENOBUNYE, BESE NIPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Isiqephu esithathelwe kwividiyo ethi ‘Londoloza Ubuqotho Ngenhliziyo Enobunye.’ UGabriella noBen balusizi ngemva kokuba bethola incwadi evela endodaneni yabo ehambile ekhaya.

    Bungakanani ubuhlungu obuzwiwa abazali abangamaKristu lapho ingane ishiya uJehova?

  • Isiqephu esithathelwe kwividiyo ethi ‘Londoloza Ubuqotho Ngenhliziyo Enobunye.’ Abangane bahaga uGabriella noBen futhi bayabaduduza ngemva komhlangano webandla.

    Ibandla lingawasekela kanjani amalungu omndeni athembekile?

  • Isiqephu esithathelwe kwividiyo ethi ‘Londoloza Ubuqotho Ngenhliziyo Enobunye.’ UGabriella ucabanga indaba yokuvukela kukaKhora.

    Iyiphi indaba eseBhayibhelini ebonisa ukubaluleka kokuba qotho kakhulu kuJehova kunasemndenini?

  • Isiqephu esithathelwe kwividiyo ethi ‘Londoloza Ubuqotho Ngenhliziyo Enobunye.’ Ngemva komhlangano, uGabriella utshela uBen ngomyalezo ovela endodaneni yabo.

    Singabonisa kanjani ukuthi siqotho kuJehova kunasemndenini yethu?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela