UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Ingabe Kuyakuzuzisa Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke?
Ingabe uwufunda njalo umBhalo wosuku nesigaba esihambisana nawo encwajaneni ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke ukuze usondelane noJehova? Uma kungenjalo, ungaqala yini ukuwufunda? Abaningi bawufunda njalo ekuseni ukuze bakwazi ukucabanga ngawo phakathi nosuku. (Josh 1:8; IHu 119:97) Ungazuza kanjani nakakhulu ngokufunda lo mBhalo? Funda amavesi angaphambi nangemva kwalelo vesi ukuze uthole ukuthi kukhulunywa ngani. Zama ukucabanga ngendaba eseBhayibhelini ebonisa isimiso esiqokonyiswe kulowo mBhalo. Yibe ususebenzisa leso simiso ekuphileni kwakho. Lapho uvumela iZwi likaNkulunkulu likusize wenze izinqumo, liyoqondisa ukuphila kwakho, likuzuzise nakakhulu.—IHu 119:105.
Njalo ekuseni, imindeni yaseBethel emhlabeni wonke ixoxa ngencwajana ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke. Muva nje, eziningi zalezi zingxoxo ziye zafakwa kuyi-JW Broadcasting® ngaphansi kwesithi IMIHLANGANO NEZENZAKALO. Ugcine nini ukuzibuka? Ungathola ukuthi ezinye zalezi zingxoxo ziyilokho kanye okudingayo. Ngokwesibonelo, indaba kaLoti ingakusiza kanjani wenze izinqumo?
BUKA IVIDIYO ETHI NINGALITHANDI IZWE (1JOH 2:15), BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
Yisiphi isimiso seBhayibheli esiqokonyisiwe kule ngxoxo yokuKhulekela Kwasekuseni?
Indaba kaLoti ibonisa kanjani ukuthi kuyingozi ukuthanda izwe noma izinto ezikulo?—Gen 13:12; 14:12; 19:3, 12, 13, 24-26
Sibonisa kanjani ukuthi sithanda uJehova hhayi izwe noma izinto ezikulo?
Ngingabonisa kanjani usuku lonke ukuthi ngiyalithanda iZwi likaJehova?