AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | LEVITIKUSI 6-7
Ukubonisa Ukubonga
Imihlatshelo ehlanganyelwayo eyayenziwa kwa-Israyeli isikhumbuza ngokubaluleka kokubonga uJehova emithandazweni yethu nangendlela esiziphatha ngayo.—Fil 4:6, 7; Kol 3:15.
Lapho sithandaza, yiziphi izinto esingazibonga kuJehova?—1Thes 5:17, 18
Kusisiza ngani ukubonga?
Umuntu angadla kanjani “etafuleni lamademoni,” futhi lokhu kungabonisa kanjani ukuthi akakujabuleli lokho uJehova amenzela kona?—1Ko 10:20, 21