AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
Ukubaluleka Kukohlakanipha
USolomoni wacela ukuhlakanipha kuJehova (1Kh 3:7-9; w11 12/15 8 ¶4-6)
Isicelo sikaSolomoni samjabulisa uJehova (1Kh 3:10-13)
Ngenxa yokuthi uSolomoni wayekwazisa ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu, isizwe sahlala ngokuthula (1Kh 4:25)
Umuntu ohlakaniphile uthola ulwazi nokuqonda bese ekusebenzisa ekwenzeni izinqumo ezinhle. Ukuhlakanipha kungcono kakhulu kunegolide. (IzA 16:16) Singakuthola ukuhlakanipha ngokuba sikucele kuNkulunkulu, simesabe, sithobeke, sibe nesizotha nangokumba sijule eZwini lakhe.