INkosi uSolomoni ihlola umsebenzi wokwakha ithempeli ukuthi uhamba kanjani
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
Balakha Ngezikhwepha Zabo Nangokusuka Enhliziyweni
USolomoni wakha ithempeli ngezinto ezisezingeni eliphakeme (1Kh 5:6, 17; w11 2/1 15)
Abaningi basiza kulo msebenzi (1Kh 5:13-16; it-1-E 424; it-2-E 1077 ¶1)
USolomoni kanye nabantu basebenza ngokuzikhandla iminyaka eyisikhombisa ukuze baqede umsebenzi (1Kh 6:38; bheka isithombe esisesembozweni)
USolomoni nabantu bakwazi ukwakha ithempeli elihle ukuze kudunyiswe uJehova ngenxa yothando lwabo ngaye. Ngokudabukisayo, izizukulwane ezaphila ngemva kwabo zaphelelwa intshiseko yokukhonza uJehova. Azizange zilinakekele ithempeli futhi ekugcineni labhujiswa.
ZIBUZE, ‘Yini engiyenzayo ukuze ngilondoloze intshiseko yami yokukhonza uJehova?’