UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Jabula Lapho Ushushiswa
AmaKristu kufanele akulindele ukushushiswa. (Joh 15:20) Nakuba ushushiso luza nokukhathazeka kanye nobuhlungu ngezinye izikhathi, singajabula uma sikhuthazela.—Mat 5:10-12; 1Pe 2:19, 20.
BUKELANI IVIDIYO ETHI SINGAJABULA NAKUBA SISHUSHISWA BESE NIPHENDULE IMIBUZO ELANDELAYO:
Ufundeni kulokho okwenzeka kuMfoweth’ uBazhenov ngokubaluleka
kokufunda iBhayibheli nsuku zonke?
kokusekelwa abafowethu?a
kokuthandaza njalo?
kokucula izingoma zoMbuso?
kokukhuluma ngokholo lwethu?
a Singawathandazela amaKristu aboshiwe, size siwabize nangamagama. Nokho, ihhovisi legatsha ngeke likwazi ukudlulisela izincwadi ezibhalelwe abafowethu ababoshiwe.