INGCEBO ESEZWINI LIKANKULUNKULU
UNehemiya Wayefuna Ukukhonza, Hhayi Ukukhonzwa
UNehemiya akalisebenzisanga igunya lakhe ukuze azizuzise yena (Neh 5:14, 15, 17, 18; w02 11/1 27 ¶3)
UNehemiya akagcinanga ngokuqondisa umsebenzi kodwa naye wafaka isandla (Neh 5:16; w16.09 6 ¶16)
UNehemiya wacela uJehova ukuba amkhumbule ngenxa yothando nangokuzidela kwakhe (Neh 5:19; w00 2/1 32)
Nakuba uNehemiya ayengundunankulu, akazange alindele ukuphathwa njengesikhulu. Uyisibonelo esihle kulabo abanezabelo ezikhethekile nemithwalo ebandleni.
ZIBUZE, ‘Ingabe ngikhathazeka ngokuthi yini engingayenzela abanye noma ngikhathazeka ngokuthi bona bangangenzelani?’