UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Engingakwenza Ukuze Ngigcine Idumela Lethu Lilihle
Abantu bayayiqaphela indlela oFakazi BakaJehova abaziphatha ngayo. (1Ko 4:9) Singase sizibuze, ‘Engikushoyo nengikwenzayo kuyamdumisa yini uJehova?’ (1Pe 2:12) Asifuni neze ukwenza noma yini engalimaza idumela elihle loFakazi BakaJehova asebezakhele lona iminyaka eminingi.—Shu 10:1.
Bhala phansi lokho umKristu okufanele akwenze kanye nezimiso zeBhayibheli eziwusizo kulezi zimo ezilandelayo:
Umuntu ongeyena uFakazi ukungxeka ngolaka
Izingubo zakho zokugqoka, imoto, indawo ohlala kuyo ingcolile
Umthetho wendawo uwubona ungenabulungisa futhi kunzima ukuwulalela
Yini abacwaningi abasebenza eMnyangweni Wokubhala abaye bayenza ukuze bagcine idumela lethu lilihle?
BUKELANI IVIDIYO ETHI UKUTHUTHUKISA UTHANDO NENHLONIPHO NGEQINISO BESE NIPHENDULA UMBUZO OLANDELAYO:
Yini ekuhlaba umxhwele ngendlela inhlangano elungiselela ngayo izinto zokufundisa ezinembile?