ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 16
INGOMA 64 Ukuhlanganyela Ngentokozo Ekuvuneni
Ongakwenza Ukuze Uyijabulele Nakakhulu Inkonzo Yasensimini
“Khonzani uJehova ngokuthokoza.”—IHU. 100:2.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Lesi sihloko sixoxa ngezinto esingazenza ukuze siyijabulele nakakhulu inkonzo yasensimini.
1. Abanye bazizwa kanjani ngokuxoxa nabanye enkonzweni yasensimini? (Bheka nesithombe.)
NJENGABANTU bakaJehova sishumayeza abanye ngoba siyamthanda uBaba wethu osezulwini futhi sifuna ukusiza omakhelwane bethu bamazi. Abamemezeli abaningi bayawujabulela ngempela umsebenzi wokushumayela. Kodwa abanye bakuthola kunzima ukuwujabulela. Kungani? Abanye kungenzeka banamahloni kakhulu futhi abazethembi. Abanye abakhululeki ukuya emizini yabantu bengamenyiwe. Abanye bangase besabe ukuthi abantu ngeke babalalele. Abanye bafundiswa ukuthi kumele bakugweme ukuphikisana nabanye abantu. Nakuba bemthanda kakhulu uJehova, la bafowethu nodadewethu bakuthola kunzima ukuxoxa ngezindaba ezinhle nabantu abangabazi. Noma kunjalo, bayaqaphela ukuthi lo msebenzi ubaluleke kangakanani futhi bashumayela njalo. Kumele ukuba uJehova ujabula kakhulu ngabo!
Uyakujabulela yini ukushumayela? (Bheka isigaba 1)
2. Uma ukuthola kunzima ukujabulela inkonzo yasensimini, kungani kungafanele uphele amandla?
2 Kuyenzeka yini ngezinye izikhathi ukuthole kunzima ukujabulela inkonzo yasensimini ngenxa yemizwa esesixoxe ngayo? Uma kunjalo, ungapheli amandla. Ukungazethembi kwakho kungase kubonise ukuthi uthobekile futhi awufuni ukuzidonsela amehlo, kubonise nokuthi awufuni ukuphikisana nabantu. Akekho umuntu othanda ukucasula abanye, ikakhulukazi lapho ezama ukubenzela okuhle. UBaba wakho osezulwini uzazi kahle izinselele obhekana nazo futhi uyafuna ukukusiza. (Isaya 41:13) Kulesi sihloko, sizoxoxa ngamacebiso amahlanu ongawasebenzisa ukuze ubhekane naleyo mizwa nangokuthi yini ongayenza ukuze uyijabulele inkonzo yasensimini.
VUMELA IZWI LIKANKULUNKULU LIKUQINISE
3. Yini eyasiza umprofethi uJeremiya ukuba ashumayele kwabanye?
3 Kusukela kudala, umyalezo ovela kuNkulunkulu uye waziqinisa izinceku zakhe lapho kudingeka zenze umsebenzi onzima. Ngokwesibonelo, cabanga ngomprofethi uJeremiya. Wayesaba lapho uJehova emnika isabelo sokushumayela. UJeremiya wathi: “Angikwazi ukukhuluma, ngoba ngisewumfana nje.” (Jer. 1:6) Wakunqoba kanjani ukungazethembi? Lokho uNkulunkulu akusho kuye kwamnika amandla. Wathi: “Izwi lakhe laba njengomlilo ovuthayo ovalelwe emathanjeni ami, ngakhathala ukuzibamba.” (Jer. 20:8, 9) Nakuba uJeremiya ayeshumayela ensimini elukhuni, umyalezo ayabelwe ukuba awumemezele wamnika amandla ayewadinga ukuze enze lowo msebenzi.
4. Kwenzekani lapho sifunda iZwi likaNkulunkulu futhi sizindla ngalo? (Kolose 1:9, 10)
4 AmaKristu athola amandla emyalezweni oseZwini likaNkulunkulu. Lapho ebhalela ibandla laseKolose, umphostoli uPawulu wathi ukuba nolwazi olunembile kwakuzokhuthaza abafowabo ukuba ‘bahambe ngokufanele uJehova’ njengoba beqhubeka ‘bethela izithelo kuyo yonke imisebenzi emihle.’ (Funda eyabaseKolose 1:9, 10.) Leyo misebenzi emihle ihlanganisa ukushumayela izindaba ezinhle. Ngakho lapho sifunda iZwi likaNkulunkulu futhi sizindla ngalo, ukholo lwethu kuJehova luyaqina futhi kuba sobala ukubaluleka kokuxoxela abanye umyalezo woMbuso.
5. Yini esingayenza ukuze sizuze nakakhulu lapho sifunda iBhayibheli nalapho sitadisha?
5 Ukuze sizuze ngempela eZwini likaNkulunkulu, kufanele sigweme ukukha phezulu lapho sifunda, sitadisha futhi sizindla. Zinike isikhathi. Uma ufunda umbhalo ongawuqondi kahle, ungaweqi. Kunalokho, sebenzisa i-Watch Tower Publications Index noma INcwadi Yokucwaninga YoFakazi BakaJehova ukuze uthole incazelo yalelo vesi. Uma uzinika isikhathi lapho utadisha, uyoqiniseka nakakhulu ukuthi iZwi likaNkulunkulu liyiqiniso. (1 Thes. 5:21) Uma uqiniseka ngalokho, uyokujabulela nakakhulu ukuxoxela abanye ngalokho okufundile.
YILUNGISELELE KAHLE INKONZO YASENSIMINI
6. Kungani kufanele silungiselele kahle lapho sizoya enkonzweni yasensimini?
6 Uma uyilungiselela kahle inkonzo yasensimini, cishe uyokhululeka kakhudlwana lapho ukhuluma nabanye. UJesu wasiza abafundi bakhe ukuba balungiselele ngaphambi kokubathumela enkonzweni. (Luka 10:1-11) Ngenxa yokuthi bakwenza lokho uJesu abafundisa kona, abafundi bajabula kakhulu ngalokho abakwazi ukukufeza.—Luka 10:17.
7. Singayilungiselela kanjani inkonzo yasensimini? (Bheka nesithombe.)
7 Singayilungiselela kanjani inkonzo yasensimini? Kudingeka sicabange ngendlela ekahle esizolethula ngayo iqiniso ngamazwi ethu. Kuyasiza nokucabanga ngezindlela ezimbili noma ezintathu abantu abavame ukusabela ngazo ensimini yethu bese sicabanga ngendlela esingaphendula ngayo esimweni ngasinye. Lapho sesixoxa nabantu singazama ukukhululeka, simamatheke futhi sibe nobungani.
Lungiselela kahle lapho uzoya enkonzweni yasensimini (Bheka isigaba 7)
8. AmaKristu afana ngayiphi indlela nezitsha zobumba okukhulunywe ngazo emfanekisweni kamphostoli uPawulu?
8 Umphostoli uPawulu wafanisa indima esinayo emsebenzini wokushumayela ngokuthi athi: “Sinale ngcebo ezitsheni zobumba.” (2 Kor. 4:7) Iyini le ngcebo? Iwumsebenzi wokushumayela umyalezo woMbuso osindisa ukuphila. (2 Kor. 4:1) Ziyini izitsha zobumba? Zimelela izinceku zikaNkulunkulu ezitshela abanye izindaba ezinhle. Ngesikhathi sikaPawulu, abahwebi babesebenzisa izitsha zobumba ukuze bathuthe izinto eziyigugu ezifana nokudla, iwayini nemali. Ngendlela efanayo, uJehova usiphathise umyalezo wezindaba ezinhle oyigugu. Ngosizo lukaJehova singakwazi ukuba namandla esiwadingayo okushumayela umyalezo wethu ngokwethembeka.
THANDAZELA UKUBA NESIBINDI
9. Ungakunqoba kanjani ukwesaba abantu noma ukwesaba ukuthi ngeke bakulalele? (Bheka nesithombe.)
9 Ngezinye izikhathi, singase sesabe abantu noma sesabe ukuthi ngeke basilalele. Singayinqoba kanjani leyo nselele? Cabanga ngomthandazo wabaphostoli lapho beyalwa ukuba bangashumayeli. Kunokuba besabe, bacela uJehova ukuba abasize ‘baqhubeke bekhuluma izwi [lakhe] ngaso sonke isibindi.’ UJehova wawuphendula ngokushesha umthandazo wabo. (IzE. 4:18, 29, 31) Uma ngezinye izikhathi sizizwa sesaba abantu, nathi kufanele sithandaze sicele uJehova asisize. Mcele ukuba akusize unqobe ukwesaba abantu ngothando onalo ngabo.
Thandaza ucele isibindi (Bheka isigaba 9)
10. UJehova usisiza kanjani sifeze indima yethu njengoFakazi bakhe? (Isaya 43:10-12)
10 UJehova usimise ukuba sibe oFakazi bakhe futhi uthembisa ukuthi uzosisiza sibe nesibindi. (Funda u-Isaya 43:10-12.) Cabanga ngezindlela ezine akwenza ngayo lokho. Eyokuqala, uJesu unathi noma nini lapho sishumayela izindaba ezinhle. (Math. 28:18-20) Eyesibili, uJehova umise izingelosi ukuba zisisize. (IsAm. 14:6) Eyesithathu, uJehova usinike umoya wakhe ongcwele ukuze usisize sikhumbule izinto esizifundile. (Joh. 14:25, 26) Eyesine, uJehova usinike abafowethu nodadewethu ukuze sihambe nabo. Ngenxa yosizo lukaJehova nokusekelwa abafowethu nodadewethu abanothando, sinakho konke esikudingayo ukuze siwenze ngempumelelo lo msebenzi.
VUMELANA NEZIMO, UBE NESIMO SENGQONDO ESIHLE
11. Lapho usenkonzweni yasensimini, ungabathola kanjani abantu abengeziwe? (Bheka nesithombe.)
11 Kukuqeda amandla yini ukuthola abantu abambalwa emakhaya? Kungani ungazibuzi: ‘Bakuphi njengamanje abantu kule nsimu esiyisebenzayo?’ (IzE. 16:13) ‘Basemsebenzini noma basezitolo?’ Uma kunjalo, ngeke yini uthole abantu abaningi uma ushumayela emgwaqweni? Umzalwane okuthiwa uJoshua uthi, “Ngithole amathuba amaningi okushumayela lapho ngihamba ngasezitolo nakwezinye izindawo zomphakathi.” Yena nomkakhe uBridget bathole abantu abaningi besemakhaya lapho beshumayela kusihlwa nangamaSonto ntambama.—Efe. 5:15, 16.
Zivumelanise nezimo (Bheka isigaba 11)
12. Singathola kanjani ukuthi yini abantu abayikholelwayo noma ebakhathazayo?
12 Uma abantu oxoxa nabo bebonisa ukuthi abawuthandi umyalezo oxoxa ngawo, zama ukuthola ukuthi yini abayikholelwayo noma ebakhathazayo. UJoshua noBridget, lapho beqala ingxoxo basebenzisa umbuzo osekhasini lokuqala lepheshana. Ngokwesibonelo, lapho besebenzisa ipheshana elithi Ucabangani NgeBhayibheli? bathi: “Abanye abantu babheka iBhayibheli njengencwadi evela kuNkulunkulu, abanye abalibheki kanjalo. Uthini owakho umbono?” Ngokuvamile lokho kuholela engxoxweni.
13. Kungani singathi senza kahle enkonzweni ngisho noma abantu bengasilaleli? (IzAga 27:11)
13 Impumelelo yethu enkonzweni ayincikile endleleni abantu abasabela ngayo lapho sishumayela. Kungani? Kungenxa yokuthi sikwenzile lokho uJehova neNdodana yakhe abafuna sikwenze—sibunikezile ubufakazi. (IzE. 10:42) Ngisho noma singatholi muntu esizoxoxa naye noma abantu bengawulaleli umyalezo wethu, singajabula ngoba siyazi ukuthi sijabulisa uBaba wethu osezulwini.—Funda izAga 27:11.
14. Kungani singajabula lapho omunye ummemezeli ethola umuntu owuthandayo umyalezo esiwushumayelayo enkonzweni yasensimini?
14 Singajabula nalapho omunye ummemezeli ethola umuntu owuthandayo umyalezo esiwushumayelayo enkonzweni yasensimini. INqabayokulinda yafanisa umsebenzi wethu nokufuna ingane elahlekile. Baningi abantu abayifunayo futhi bayifuna yonke indawo. Lapho ingane itholakala, wonke umuntu uyajabula, hhayi nje lo oyitholile kuphela. Ngendlela efanayo, siyabambisana emsebenzini wokwenza abafundi. Wonke umuntu osebandleni kudingeka abambe iqhaza ekushumayezeni abantu abasensimini, futhi sonke siyajabula lapho umuntu eqala ukuza emihlanganweni.
GXILA EKUTHANDENI UJEHOVA NOMAKHELWANE WAKHO
15. Ukwenza lokho okushiwo uMathewu 22:37-39 kungasisiza kanjani sandise intshiseko esinayo ngenkonzo yasensimini? (Bheka nesithombe esisekhasini 1.)
15 Singandisa intshiseko esinayo emsebenzini wokushumayela ngokugxila ekuthandeni uJehova nomakhelwane wethu. (Funda uMathewu 22:37-39.) Cabanga nje indlela uJehova ajabula ngayo lapho esibona senza lo msebenzi nendlela abantu abajabula ngayo lapho beqala ukutadisha iBhayibheli! Cabanga nangokuphila okuphakade okuyotholwa yilabo abawulalelayo umyalezo wethu.—Joh. 6:40; 1 Thim. 4:16.
Ukugxila ekuthandeni uJehova nomakhelwane kuzosenza siyijabulele nakakhulu inkonzo yasensimini (Bheka isigaba 15)
16. Singayijabulela kanjani inkonzo lapho sivaleleke endlini? Nikeza izibonelo.
16 Ingabe uvaleleke endlini ngenxa yezizathu ezithile? Uma kunjalo, gxila kulokho ongakwenza ukuze ubonise ukuthi uyamthanda uJehova nomakhelwane wakho. Ngesikhathi kunobhubhane lwe-COVID-19, uSamuel noDania babevaleleke endlini. Phakathi naleso sikhathi esinzima, babehlale beshumayela ngocingo, bebhala izincwadi, beqhuba nezifundo zeBhayibheli ngo-Zoom. USamuel wayeshumayeza labo ayehlangana nabo emtholampilo ayelashwa kuwo isifo sekhensa. Uthi: “Izikhathi ezinzima zingasikhathaza engqondweni, emzimbeni, zivivinye nokholo lwethu. Kudingeka sijabule njengoba sikhonza uJehova.” Njengoba kwakwenzeka konke lokhu, uDania wawa, walala embhedeni izinyanga ezintathu. Ngemva kwalokho kwadingeka asebenzise isihlalo sabakhubazekile izinyanga eziyisithupha. Uthi: “Ngazama ukwenza konke izimo zami ezazingivumela ukuba ngikwenze. Ngakwazi ukushumayeza unesi owayengivakashele, ngaxoxa nanabantu ababesilethela izinto endlini. Ngabuye ngaba nengxoxo emnandi ocingweni nomuntu osebenza enkampanini yezempilo.” Izimo zikaSamuel noDania zazingasabavumeli ukuba benze izinto ababekwazi ukuzenza ekuqaleni, kodwa benza lokho okusemandleni futhi bajabula ngokwenza kanjalo.
17. Yini engakwenza uzuze kakhulu emacebisweni akulesi sihloko?
17 Amacebiso esiwathole kulesi sihloko asebenza kangcono uma siwasebenzisa wonke. Icebiso ngalinye ungalifanisa nesithako seresiphi. Lapho zonke izithako sezihlanganiswe ndawonye, kuyophuma into emnandi. Uma siwasebenzisa wonke la macebiso siyokuhlomela kangcono ukubhekana nemizwa eqeda amandla futhi siyoyijabulela nakakhulu inkonzo yasensimini.
LEZI ZINTO EZILANDELAYO ZINGAKUSIZA KANJANI UYIJABULELE INKONZO YASENSIMINI?
Ukuzinika isikhathi sokulungiselela kahle
Ukuthandaza ucele isibindi
Ukugxila ekuthandeni uJehova nomakhelwane wakho
INGOMA 80 “Nambithani Nibone Ukuthi UJehova Muhle”