Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w20 Febhuwari k. 31
  • Ingabe Bewazi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Bewazi?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UBelishasari—UnguMntwana Oyindlalifa Noma UyiNkosi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Umbusi Ozikhukhumezayo Ulahlekelwa Umbuso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Amagama Amane Águqula Izwe
    Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
w20 Febhuwari k. 31

Ingabe Bewazi?

Imivubukulo ikufakazela kanjani ukuthi uBhelishazari waseBhabhiloni wayeyinkosi?

SEKUPHELE iminyaka eminingi abantu abahlasela iBhayibheli bethi iNkosi uBhelishazari, okukhulunywa ngayo encwadini kaDaniyeli ayikaze ibe khona. (Dan. 5:1) Banalowo mbono ngenxa yokuthi abavubukuli babengabutholi ubufakazi bokuthi le nkosi yayiphila ngempela. Nokho, lokho kwashintsha ngo-1854. Kungani?

Ngalowo nyaka, inxusa laseBrithani uJ. G. Taylor lahlola amanxiwa edolobha lasendulo i-Uri, manje eyiningizimu ye-Iraq. Kuleyo ndawo, wathola imiphongolo yobumba eminingi eyayisembhoshongweni omkhulu. Umphongolo ngamunye owawungaba ngamasentimitha angu-10 ubude, kwakubhalwe kuwo umbhalo we-cuneiform. Komunye umphongolo kwakunomthandazo wokuphila isikhathi eside kwenkosi yaseBhabhiloni uNabonidasi nendodana yakhe endala uBhelishazari. Ngisho nabahlaseli beBhayibheli bavuma: Lokhu okutholakele kubonisa ukuthi uBhelishazari wayekhona.

Nokho, iBhayibheli aligcini nje ngokuthi uBhelishazari wayekhona, kodwa liphinde lithi wayeyinkosi. Nalapha, abahlaseli beBhayibheli babengabaza. Ngokwesibonelo, ngawo-1875, usosayensi oyiNgisi uWilliam Talbot wabhala ukuthi abanye babethi “uBel-sar-ussur [Bhelishazari] wabusa ngesikhathi esifanayo noNabonidasi uyise. Kodwa abukho nobuncane ubufakazi balokho.”

Nokho, leyo mpikiswano yalungiswa lapho imibhalo ekweminye imiphongolo yobumba iveza ukuthi esikhathini esithile kwaphela iminyaka uyise kaBhelishazari, iNkosi Nabonidasi ingekho eBhabhiloni. Yini eyenzeka ngesikhathi ingekho? I-Encyclopaedia Britannica ithi: “Lapho uNabonidasi eya ekudingisweni, washiyela ubukhosi bakhe kuBhelishazari nengxenye enkulu yebutho lakhe.” Ngakho, uBhelishazari wabusa njengenkosi eBhabhiloni phakathi naleso sikhathi. Ngakho, umvubukuli oyisazi solimi u-Alan Millard wathi kwakufaneleka ukuba “iNcwadi kaDaniyeli ibize uBhelishazari ngokuthi ‘nkosi.’”

Kuyiqiniso ukuthi ezincekwini zikaNkulunkulu ubufakazi obuyinhloko bokuthi incwadi kaDaniyeli ithembekile futhi iphefumulelwe uNkulunkulu, zibuthola eBhayibhelini ngokwalo.—2 Thim. 3:16.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela