Isethulo
Kwake kwenzeka yini waba nomuzwa wokuthi uNkulunkulu akayilaleli imithandazo yakho? Uma kunjalo, awuwedwa. Abaningi baye bathandaza kuNkulunkulu kodwa izinkinga zabo zaqhubeka zikhona. Lezi zihloko eziwuchungechunge, zizoxoxa ngokuthi kungani singaqiniseka ukuthi uNkulunkulu uyayizwa imithandazo yethu, kungani eminye imithandazo engayiphenduli nokuthi singathandaza kanjani kuNkulunkulu ukuze asizwe.