Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp21 No. 3 kk. 6-8
  • Imfundo Nemali Kungakwenza Yini Ube Nekusasa Elilondekile?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imfundo Nemali Kungakwenza Yini Ube Nekusasa Elilondekile?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2021
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • LOKHO ABANTU ABANINGI ABAKUKHETHAYO
  • UBA YINI UMPHUMELA?
  • Imfundo—Lokho Ekufunayo, Nalokho Ekunikelayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Bazali—Nizifunela Ikusasa Elinjani Izingane Zenu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Ukufuna Ukuphila Oku- Londekile
    I-Phaphama!—1998
  • Ikusasa Elilondekile​—⁠Isifiso Sawo Wonke Umuntu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2021
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2021
wp21 No. 3 kk. 6-8
Abesifazane ababili abasebasha baya ekilasini enyuvesi.

Imfundo Nemali Kungakwenza Yini Ube Nekusasa Elilondekile?

Abaningi bacabanga ukuthi abantu abafundile futhi abayizigwili banekusasa elilondekile. Bakholelwa ukuthi imfundo yasenyuvesi ingenza umuntu abe isisebenzi esingcono, ilungu lomndeni elingcono, nesakhamuzi esingcono. Bangase babe nomuzwa wokuthi uma ufundile uzothola umsebenzi oholela kahle futhi abantu abanemali eningi bayajabula.

LOKHO ABANTU ABANINGI ABAKUKHETHAYO

Cabanga ngalokho okushiwo uZhang Chen waseChina. Uthi: “Ngangikholelwa ukuthi ngangidinga iziqu zasenyuvesi ukuze ngiphume ekuhluphekeni nokuthi umsebenzi oholela kahle wawuzongenza ngijabule futhi nganeliseke ekuphileni.”

Abantu abaningi bafisa ukuyofunda emanyuvesi aziwayo mhlawumbe kwamanye amazwe ukuze babe nekusasa elilondekile. Lokhu bekuyinto eyanda ngokuphawulekayo kwaze kwaba yilapho i-COVID-19 yenza kube nzima ukuya kwamanye amazwe. Umbiko wango-2012 we-Organisation for Economic Co-operation and Development uthi: “Amaphesenti angu-52 abo bonke abafundi abafunda kwamanye amazwe avela e-Asia.”

Ngokuvamile abazali bayazidela ukuze izingane zabo zikwazi ukuyofunda emanyuvesi aphesheya kwezilwandle. UQixiang waseTaiwan uyakhumbula: “Abazali bami babengamile kahle ngokwezimali kodwa bakwazi ukusisa sobane ekolishi e-United States.” Ukuze umndeni wakhe ubakhokhele, njengeminye eminingi, kwadingeka ungene ezikweletini.

UBA YINI UMPHUMELA?

Owesifazane osemusha ubukeka ekhathele futhi ecindezelekile njengoba ehleli ekhompyutheni ebusuku.

Abaningi abalwela ukuba nemfundo ephakeme nengcebo basala bedikibele

Ngokwezinga elithile imfundo ingayithuthukisa impilo kodwa ayibi njalo nemiphumela abafundi abasuke beyilindele. Ngokwesibonelo, ngemva kweminyaka eminingi yokuzidela nokungena ezikweletini, abaningi abawutholi umsebenzi abebewufuna. Umbiko kaRachel Mui we-Business Times yaseSingapore uthi: “Ukungawutholi umsebenzi kwabantu abaneziqu zasenyuvesi kubonakala kuyinkinga ekhulayo.” UJianjie, oneziqu eziningi ohlala eTaiwan, uthi: “Abaningi abawutholi umsebenzi abawufundele.”

Labo abathole umsebenzi abebewufundele bangase bathole ukuthi ukuphila kwabo akuyona lento abebeyifisa. UNiran waseThailand, ngemva kokubuya enyuvesi yase-United Kingdom, wathola umsebenzi walokho ayekufundele. Uthi: “Njengoba ngangilindele, ukuba neziqu kwangisiza ngathola umsebenzi oholela kakhulu. Yize kunjalo, kwadingeka ngisebenze kanzima futhi ngisebenze amahora amaningi ukuze ngihole imali eningi. Ngokuhamba kwesikhathi, inkampani yadiliza izisebenzi eziningi, kuhlanganise nami. Ngaqaphela ukuthi akukho ukulondeka kunoma yimuphi umsebenzi.”

Ngisho nalabo abadla izambane likapondo noma abangase babonakale sengathi banakho konke bayabhekana nezinkinga zomndeni, izinkinga zempilo nokungaqiniseki ngezomnotho. UKatsutoshi waseJapan uyavuma: “Ngangikujabulela ukuba nezinto ezinhle eziningi kodwa ngangikhathazwa ukuncintisana, umona nokuphathwa kabi.” ULam, owesifazane ohlala eVietnam, uthi: “Abantu abaningi bazama ukuthola imali eningi ngoba becabanga ukuthi izobenza balondeke kodwa izikhathi eziningi bakhathazeka ngisho nakakhulu baze bagule futhi bacindezeleke.”

OKWENZA IMFUNDO NEMALI KUNGAKWENZI ULONDEKE

Kuyiqiniso, abantu bayayidinga imfundo eyisisekelo nemali ukuze bazisekele bona nemindeni yabo. Noma kunjalo, lokhu akukwenzi ube nekusasa elilondekile. Kungani? Cabanga ngalokho okushiwo imiBhalo Engcwele.

IMFUNDO EPHAKEME AYIKWENZI UPHUMELELE NGASO SONKE ISIKHATHI.

“Abanejubane abaphumeleli njalo emncintiswaneni, . . . nabahlakaniphile ababi nokudla njalo, nongqondongqondo ababi nengcebo njalo, nalabo abanolwazi abaphumeleli njalo ngoba isikhathi nezenzakalo ezingalindelekile zibehlela bonke.”​—UMSHUMAYELI 9:11.

Ngisho nomuntu ofundile angase angaphumeleli ekuphileni, ngenxa yokuthi ziningi izinto angeke akwazi ukuzilawula, ngisho noma ngabe ufunde kangakanani. Uma kunezinkinga zezomnotho nezepolitiki ezweni akulo noma abantu bembandlulula angase angaphumeleli ekuphileni.

INGCEBO INGAKULAHLEKELA.

“Ungazikhandli ukuze uzuze ingcebo. Yima ubonise ukuqonda. Lapho uphonsa amehlo akho kuyo, ayikho, ngoba nakanjani iyomila amaphiko njengokhozi indizele esibhakabhakeni.”​—IZAGA 23:4, 5.

Imali ingakwenza ulondeke kodwa ukulondeka okunjalo kungase kube okwesikhashana. Imali ingase ikulahlekele ngokushesha. Izinhlekelele zemvelo, ezinjengokuzamazama komhlaba, imililo yequbula, neziphepho, kungashiya umuntu engenamali futhi engenayo ngisho nendawo yokuhlala.

NGOKUVAMILE IMALI YENZA UBE NEZINKINGA.

“Inala yocebile ayimvumeli ukuba alale.”​—UMSHUMAYELI 5:12.

UFranklin, ohlala eHong Kong, wabona ukuthi la mazwi ayiqiniso. Wayefundile futhi enomsebenzi oholela kahle. Wabe esethola isikhundla sokuba imenenja. Uthi: “Ukukhathazeka kwangigulisa. Ngangikhathazeke kakhulu ngingakwazi ngisho nokulala.” Ngokuhamba kwesikhathi wagcina engasakwazi ukuqhubeka nomsebenzi. Uyakhumbula: “Ngaqala ukuzibuza ukuthi kungani ngenza lokhu futhi kwangenza ngacabanga kakhulu ngokuthi iyini injongo yokuphila.”

“Ungazikhandli ukuze uzuze ingcebo.”​—IZAGA 23:4.

NjengoFranklin, abaningi baye baphetha ngokuthi kunokuningi ekuphileni kunokufuna imfundo ephakeme nengcebo. Kunokuba bagxilise ukuphila kwabo ekufuneni izinto eziningi ezinhle, abanye baye bafuna ikusasa elihle ngokuthi balwele ukuba abantu abahle futhi benzele abanye izinto ezinhle. Ingabe ukufuna ukuphila okunjalo kungakwenza ube nekusasa elilondekile? Isihloko esilandelayo sizowuphendula lo mbuzo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela