Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w21 Ephreli kk. 26-29
  • “Manje Sengiyayithanda Inkonzo!”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Manje Sengiyayithanda Inkonzo!”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2021
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • NGIPHELELWA INJABULO YAMI
  • ISIFUNDO ESASINGALINDELEKILE KODWA ESIBALULEKILE
  • UKUVUSELELA UTHANDO LWAMI NGENKONZO
  • NGITHOLA UMUNTU ENGIZOPHAYONA NAYE UNOMPHELA
  • INDLELA EHOLELA EZIBUSISWENI EZENGEZIWE
  • KWAKUNGEKHO OKUNYE UKUPHILA OKUJABULISA NJENGALOKHU
  • Kungani Kufanele Uthandaze?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • ‘Ukufuna UMbuso Kuqala’
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
  • “Jehova, Ngicela Ungivumele Ngikukhonze”
    I-Phaphama!—2007
  • Izibusiso Zenkonzo Yobuphayona
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2021
w21 Ephreli kk. 26-29
UVanessa Vicini.

INDABA YOKUPHILA

“Manje Sengiyayithanda Inkonzo!”

ILANDISWA UVANESSA VICINI

NGAKHULELA eBalclutha, esiQhingini esiseNingizimu saseNew Zealand. Ngiseyingane, ngazizwa ngisondelene noJehova futhi ngikuthanda ukuba seqinisweni. Ngangikuthanda ukuya emihlanganweni futhi ibandla laliyindawo efudumele engenza ngizizwe ngiphephile futhi ngijabule. Nakuba nganginamahloni ngokwemvelo, kodwa ngangikujabulela ukuba senkonzweni yasensimini maviki onke. Ngangingakusabi ukushumayela kwengangifunda nabo nakwabanye. Ngangiziqhenya ngokuba uFakazi KaJehova, futhi lapho ngineminyaka engu-11 nganikezela ukuphila kwami kuNkulunkulu.

NGIPHELELWA INJABULO YAMI

Ngokudabukisayo, lapho sengizoba neminyaka engu-13 ubuhlobo bami noJehova bancipha. Ngabona sengathi engifunda nabo banayo yonke inkululeko, ngacabanga ukuthi ngiyaphuthelwa. Ngazizwa ngicindezelwe imithetho yabazali neyobuKristu, futhi ngakuthola kunzima ukwenza izinto eziphathelene noJehova. Nakuba ngangingangabazi ukuthi uJehova ukhona, ngangizizwa ngingasondelene naye.

Noma kunjalo, ngangingafuni ukuphola ngakho ngangishumayela ngokugcina icala nje. Uma ngiyile ukuyoshumayela, ngangingalungiseleli, okwakwenza kube nzima ukuqala noma ukuqhubeka nengxoxo. Ngenxa yalokho inkonzo yami yayingaphumeleli futhi ingajabulisi, lokho kwenza ngangayithanda nakakhulu. Ngangizibuza ukuthi, ‘Kodwa umuntu angayenza kanjani lento amaviki elandelana nezinyanga zilandelana?’

Ngesikhathi sengina-17 ngaba nesifiso esinamandla sokuzimela. Ngakho ngapakisha izikhwama zami, ngahamba ekhaya, ngathuthela e-Australia. Kwabanzima kakhulu kubazali bami lapho bengibona ngihamba. Babekhathazekile, kodwa bacabanga ukuthi ngangizoqhubeka ngikhonza uJehova.

E-Australia, ingokomoya lami lehla ngisho nakakhulu. Ngase ngiphuthelwa imihlangano. Ngaqala ukuba nabangane abanjengami, ababekujabulela ukuya emihlanganweni ngobunye ubusuku, kodwa babuye baye ezindaweni zobumnandi bayophuza badanse. Uma ngibheka emuva, ngabona ukuthi ngangiphila ukuphila okumbaxambili, olunye unyawo luseqinisweni olunye lusezweni, kodwa kokubili kwakungangijabulisi.

ISIFUNDO ESASINGALINDELEKILE KODWA ESIBALULEKILE

Cishe ngemva kweminyaka emibili, ngahlangana nodade owangenza ngacabanga ngokuthi kuphokophelephi ukuphila kwami, naye enganakile. Ngangihlala nabanye odade abahlanu abangashadile, samema umbonisi wesigodi nomkakhe uTamara ukuba bahlale nathi iviki lonke. Lapho umyeni wakhe ematasa ngezinto zebandla, uTamara wayechitha isikhathi nathi sizihlekela. Ngangikuthanda lokho. Wayethobekile, kulula ukukhuluma naye. Kwangimangaza ukuthi umuntu ongokomoya kanje angaba namahlaya.

UTamara wayeshiseka kakhulu. Indlela ayelithanda ngayo iqiniso nenkozo yayithelelana. Wayekujabulela ukunika uJehova okusemandleni akhe, kuyilapho mina ngangingajabule ngenkonzo yami yokugcina icala. Indlela abheka ngayo izinto nenjabulo yakhe yeqiniso kwaba nomthelela omkhulu ekuphileni kwami. Isibonelo sakhe sangenza ngacabanga ngala mazwi abalulekile: UJehova ufuna sonke simkhonze “ngokuthokoza” futhi ‘simemeze ngenjabulo.’—IHu. 100:2.

UKUVUSELELA UTHANDO LWAMI NGENKONZO

Ngangifuna ukujabula njengoTamara, kodwa ukuze ngithole leyo njabulo kwakudingeka ngenze ushintsho olukhulu. Kwathatha isikhathi, kodwa ngakwazi ukuqala kancane kancane. Ngaqala ukuyilungiselela inkonzo, ngaba iphayona elisizayo ngezinye izikhathi. Lokhu kwangisiza nganciphisa uvalo futhi ngazethemba kakhudlwana. Njengoba ngangisebenzisa iBhayibheli kaningi enkonzweni, ngathola injabulo yangaphakathi. Kungakabiphi, ngaba iphayona elisizayo eliqhubekayo.

Ngaqala ukuba nabangane abaneminyaka ehlukahlukene, ababenza kahle eqinisweni futhi beyijabulela inkonzo ababeyenzela uJehova. Isibonelo sabo esihle sangisiza ngahlela kabusha izinto eziza kuqala ekuphileni kwami futhi ngaba nesimiso esihle esingokomoya. Ngaqala ukuyijabulela nakakhulu inkonzo futhi ngagcina sengiyiphayona elivamile. Ngemva kweminyaka eminingi, ngangiqala ngqa ukuzizwa ngijabule futhi ngisekhaya ebandleni.

NGITHOLA UMUNTU ENGIZOPHAYONA NAYE UNOMPHELA

Ngemva konyaka ngahlangana no-Alex, onomusa, othanda uJehova kanye nenkonzo. Wayekhonza njengenceku ekhonzayo futhi esebe iphayona iminyaka eyisithupha. U-Alex wayesekhonze isikhathi esithile lapho kwakunendingeko enkulu khona eMalawi. Ngesikhathi elapho, wazihlanganisa nezithunywa zevangeli ezaba isibonelo esihle kuye, zamkhuthaza ukuba aqhubeke ebeka izinto eziphathelene noMbuso kuqala ekuphileni kwakhe.

Ngo-2003, mina no-Alex sashada futhi sisaqhubeka sisenkonzweni yesikhathi esigcwele. Sifunde izifundo eziningi ezinhle futhi uJehova usibusise ngezindlela eziningi esingenakuzibala.

INDLELA EHOLELA EZIBUSISWENI EZENGEZIWE

UVanessa usensimini nomunye udade wendawo.

Sisenkonzweni yasensimini eGleno, eTimor-Leste

Ngo-2009, samenywa ukuba siyokhonza njengezithunywa zevangeli eTimor-Leste, izwe elincane elisesiqhingini sase-Indonesia. Sasimangele, sijabule kodwa ngesikhathi esifanayo sethukile. Ngemva kwezinyanga ezinhlanu, safika enhloko-dolobha eDili.

Ukuthutha kwakuhlanganisa ukwenza ushintsho olukhulu ekuphileni kwethu. Kwakumelwe sijwayele amasiko amasha, ulimi olusha, ukudla kanye nendlela yokuphila. Enkonzweni, sasibona abantu ababehlupheka, abangafundile nabacindezelekile. Sabona nabaningi ababenezibazi emzimbeni nangokomzwelo ngenxa yempi nodlame.a

Inkonzo yayimangaza kakhulu! Ngokwesibonelo, kokunye ngahlangana noMaria,b intombazane eneminyaka engu-13 eyayidangele. Umama wakhe wayeshone eminyakeni embalwa edlule, futhi wayengamboni njalo ubaba wakhe. Njengezingane eziningi ezilingana naye, uMaria wayengazi ukuthi kufanele enzeni ngokuphila kwakhe. Ngiyakhumbula ngesinye isikhathi lapho ekhala echaza indlela ayezizwa ngayo. Nokho, ngangingakuqondi ayekusho ngoba ngangingakakwazi ukulukhuluma kahle ulimi lwakhe. Ngathandaza ngacela uJehova ukuba angisize ngimkhuthaze, ngase ngimfundela imiBhalo eduduzayo. Njengoba iminyaka iqhubeka, ngabona indlela iqiniso elalilokhu lishintsha ngayo indlela yokuziphatha, ukubukeka kanye nokuphila kukaMaria. Wabhapathizwa, futhi manje naye useqhuba ezakhe izifundo zeBhayibheli. Namuhla, uMaria usenomndeni omkhulu ongokomoya futhi uzizwa ethandwa kakhulu.

UJehova uyawubusisa umsebenzi wokushumayela eTimor-Leste. Nakuba abamemezeli abaningi bebhapathizwe eminyakeni eyishumi edlule, abaningi bakhonza njengamaphayona, izinceku ezikhonzayo, noma njengabadala. Abanye basebenza ehhovisi lokuhumusha futhi basiza ekukhiqizweni kokudla okungokomoya ngezilimi zendawo. Kwakungijabulisa kakhulu ukubezwa becula emihlanganweni, ukubabona bemomotheka nokubabona bekhula ngokomoya.

UVanessa, u-Alex, nabanye abazalwane abathathu bendawo basebenzisa izithuthuthu ukuze bahambise izimemo zeSikhumbuzo.

Ngino-Alex, siya ensimini engabelwe, siyohambisa izimemo zeSikhumbuzo

KWAKUNGEKHO OKUNYE UKUPHILA OKUJABULISA NJENGALOKHU

Isabelo sethu eTimor-Leste sasihluke kakhulu kunendlela yokuphila yase-Australia, kodwa kwakusijabulisa ngempela ukuphila kwethu. Ngezinye izikhathi, sasigibela ibhasi elincane elaligcwele abantu, izinhlanzi ezomisiwe kanye nemifino yasemakethe yendawo. Ngezinye izinsuku, sasiqhuba isifundo seBhayibheli endlini eyayincane, ishisa, inesifuthefuthe, ingcolile, kugijima nezinkukhu. Ngisho noma kwakunezinselele, ngangihlale ngithi, ‘Kwaze kwamnandi lokhu kuphila!’

UVanessa, u-Alex, nabanye bagibele itekisi eligcwele abantu, abazalwane abathathu balengise izinyawo ngaphandle.

Sisendleleni eya ensimini

Uma ngibheka emuva, ngiyababonga abazali bami ngokuthi benza konke abangakwenza ukuze bangifundise ngoJehova futhi bangisekele nangezikhathi ezinzima zobusha bami. Amazwi ezAga 22:6 ngiwabonile esebenza ekuphileni kwami. Abazali bami bayaziqhenya ngami no-Alex, kuyabajabulisa ukusibona sisetshenziswa uJehova. Kusukela ngo-2016, besilokhu sikhonza emsebenzini wokujikeleza ensimini yegatsha lase-Australasia.

Ngibukisa izingane zaseTimor amavidiyo kaKwezi noSmangele

Usungaphika ukuthi kwake kwaba nesikhathi lapho ngangingawuthandi khona umsebenzi wokushumayela. Manje ave sengiyithanda inkonzo! Ngibonile ukuthi kungakhathaliseki ukuthi ubhekana nani ekuphileni, injabulo yangempela itholakala kuphela ngokukhonza uNkulunkulu ngenhliziyo yonke. Ukukhonza uJehova no-Alex kule minyaka engu-18 edlule, kube isikhathi esijabulisa kakhulu ekuphileni kwami. Sengiyakuqonda ukuba yiqiniso kwalokho umhubi uDavide akusho kuJehova: “Bonke abaphephela kuwe bayojabula; bayohlale behalalisa ngenjabulo. . . . Labo abathanda igama lakho bayothokoza ngawe.”—IHu. 5:11.

UVanessa no-Alex baqhuba isifundo seBhayibheli nomama nengane yakhe.

Ave kuyinjabulo ukufunda iBhayibheli nabantu abathobeke kanje!

a Ekuqaleni kuka-1975, eTimor-Leste kwaba nempi yomzabalazo wenkululeko yezepolitiki eyadonsa iminyaka engu-20.

b Igama lishintshiwe.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela