Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w23 Julayi k. 31
  • Ingabe Bewazi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Bewazi?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukholo Lwabo Lwasinda Ovivinyweni Olunzima
    Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
  • Ukusombulula Imfihlakalo Yomuthi Omkhulu
    Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!
  • Babengasoze Bakhuleke
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Benqaba Ukukhothamela Isithombe
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
w23 Julayi k. 31

Ingabe Bewazi?

Izitini nendlela yokuzenza okwatholakala emanxiweni aseBhabhiloni lasendulo kukufakazela kanjani okushiwo iBhayibheli?

EBHABHILONI lasendulo ososayensi bathole inqwaba yezitini okwakwakhiwe ngazo leli dolobha. Usosayensi uRobert Koldewey uthi lezo zitini zazenziwe kohhavini ababetholakala “ngaphandle kwedolobha, lapho ubumba lwaluluhle khona, kukhona nezinkuni eziningi zokubasa.”

Imibhalo yasendulo yembula ukuthi izikhulu zaseBhabhiloni zazibuye zisebenzise lab’ ohhavini ukuze zenze into ehlasimulisayo. UPaul-Alain Beaulieu, onguprofesa womlando nolimi lwase-Asiriya yasendulo eYunivesithi YaseToronto, uthi: “Imibhalo eminingana yaseBhabhiloni ibonisa ukuthi inkosi yayiyala abantu abangayilaleli nababengazihloniphi izinto ezingcwele ukuba baphonswe emlilweni bashiswe kuwo.” Umbhalo wangesikhathi seNkosi uNebukhadinezari unomusho othi: “Babulaleni, nibashise, nibathose . . . kuhhavini wompheki . . . yenzani intuthu yabo ikhuphukele phezulu, babulaleni ngokubaphonsa emlilweni.”

Lokhu kukhumbuza abafundi beBhayibheli ngalokho okubhalwe kuDaniyeli isahluko 3. Kuleso sahluko, sifunda ukuthi iNkosi uNebukhadinezari yakha isithombe esikhulu segolide ethafeni laseDura—elingaphandle kwedolobha laseBhabhiloni. Lapho izinsizwa ezintathu ezingamaHebheru, uShadiraki, uMeshaki no-Abhedinego, zenqaba ukukhulekela lesi sithombe, uNebukhadinezari wathukuthela kakhulu, wayala ukuba “umlilo ubaswe ngokuphindwe kasikhombisa kunendlela evamile,” nokuba lezi zinsizwa ‘ziphonswe esithandweni somlilo ovuthayo.’ Ingelosi enamandla yazisindisa ekufeni.—Dan. 3:1-6, 19-28.

© The Trustees of the British Museum. Licensed under CC BY-NC-SA 4.0. Source

Isitini esigxivizwe igama likaNebukhadinezari

Izitini zaseBhabhiloni nazo ziyakufakazela okushiwo iBhayibheli. Phakathi kwazo kuneziningi ezigxivizwe imibhalo edumisa inkosi. Omunye waleyo mibhalo uthi: “Nebukhadinezari, Nkosi yaseBhabhiloni . . . Isigodlo esakhiwe yimina Nkosi Enkulu . . . Kwangathi inzalo yami ingabusa kuso kuze kube phakade.” Lo mbhalo uthi awufane nalokho okubhalwe kuDaniyeli 4:30, lapho uNebukhadinezari eqhosha khona, ethi: “Akulona yini leli iBhabhiloni Elikhulu, engilakhele ukuba libe yindlu yobukhosi ngamandla nezikhwepha zami nengilakhele inkazimulo yobukhulu bami?”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela